NDUDUZO DLADLA (32)
UCHAZWE njengeqhawe obeyintatheli yezemidlalo yeSolezwe, uNduduzo Dladla, enkonzweni yakhe yomngcwabo ebisehholo lomphakathi KwaSwayimane ngeSonto.
Izikhulumi zichaze uDladla (32), ngokuthi zilahlekelwe yiqhawe ebelinekusasa eliqhakazile.
Okunye okugqamile kwabebekhuluma, wukugqugquzela imfundo emndenini nakulabo asondelene nabo.
Lo mngcwabo ubunosizi nomunyu njengoba imindeni, izihlobo nabemikhakha yezindaba abahlukene asebenze nabo, bebekhala ngokulahlekelwa ile ntatheli ebinethalente.
UDladla ushone ngesonto eledlule ngemuva kokugula isikhathi esifushane. Ushiye emhlabeni ingoduso, abantwana ababili, udadewabo nonina.
Umfowabo, uMnuz Sipho Dladla, uthe: “UNduduzo ubefana neqhawe emndenini wethu, uyena ebesithembele kuyena. Ngimfanisa nakwi-relay, uyena obesephethe induku, egijima nayo. Ukushona kwakhe kufane nokuwa kwenduku ebesibheke ukuthi imele umndeni wethu. Ubengumuntu othanda imfundo nomndeni. Siyaziqhenya kakhulu ngakuzuzile empilweni.”
Udadewabo uSne uthe: “Ubhuti ubehlezi ethi kumele ngiye esikoleni ngifunde ukuze ngizoba nekusasa eliqhakazile.”
Ingoduso yakhe, uNksz Zama Pholoba, ibhale incwadi echaze umufi njengethemba lakhe, yathi ubengubaba eqotho. Ngo-2019, uNduduzo uqokwe njengentatheli evelele yezemidlalo KwaZulu-Natal. Ngawo lowo nyaka uqokwe njengeSA Sports Journalist of the Year.
Umhleli weSolezwe uNksz Kiki Ntuli uthe: “Waliphakamisa igama leSolezwe enqoba izindodo ezimqoka zokuba intatheli evelele kwezemidlalo. Sidumele futhi siphatheke kabi singabasebenzi ngoba besisabheke okuningi kuyena,” kusho uNksz Ntuli.