ITHWELE kanzima intandokazi yomsakazi weMetro FM ngenxa yowesifazane ofuna bathandane ngenkani.
UMsizi Shembe ongumethuli wohlelo lwezingoma zothando iSunday Soul Therapy, engena ngeSonto, ngo-12 emini kuya ku-3 ntambama, kuthiwa usephila eyosizi ngenxa yentokazi angayazi ezithanqaza ngaye.
Ngokwemithombo esondelene noMsizi, udaba lwalo muntu wesifazane lumephula umoya. Kwesinye isikhathi uke abonakale ejulile ngemicabango kanti ucabanga ngalo muntu wesifazane omnakashele, aze afise ngisho ukukhala.
“Sesiside isikhathi emnakashele. Uphinde amphazamise nasemsebenzini ngokufona kanti uyazwela bandla uMsizi,” kusho umthombo.
Ethintwa uMsizi, uvumile ukuthi ubhekene nengwadla ngenxa yokunakashelwa ngowesifazane omfuna uthando ngenkani.
“Angisazi ngenzenjani ngalo muntu wesifazane. Ngihlezi ngizitshela ukuthi uzokhathala aphume kimina kodwa ubukeka engapheli moya,” kusho uMsizi ngezwi eliphansi kodwa elizwakala likhathazekile.
Uthe lo wesifazane uyiqale le nto ngesikhathi esasebenza kwiP4 eyagcina isiguqulwe igama yaba iGagasi FM.
Uthe le nto ubelokhu ezitshela ukuthi ingumlilo wamaphepha kodwa yalokhu iqhubekile.
“Uqale ngokuthi afone uma ngisakaza emoyeni. Bekuthi uma uhlelo luzokwamukela izingcingo ngibikelwe ngoba ngozwa ngomuntu ongicela uthando uma ngimtshela ukuthi angihambisani nesicelo sakhe angilwise.
“Kwesinye isikhathi ubengakhulumi kodwa evele aphefumulele phezulu. Kwesinye isikhathi ubefona akhale ngokuthi angifuni ukumthanda,” kuzikhalela uMsizi.
Uthe nophrojusa bakhe bese beyazi inkinga yokunakashelwa kwakhe. Uveze ukuthi imizamo yokulandela ukuthi ucingo lushaywa kuphi, luveza ukuthi luqhamuka KwaNdengezi.
Yize le nto imhlukumeza kodwa uthi akakaze avule icala.
“Uma ubheka ngaqala ukusebenza kwiP4 ngo-1996 kodwa kuze kube yimanje njengoba ngikwiMetro FM usanginakile.”
UMsizi uthe lo wesifazane akagcini ngokufona ocingweni lwakhe kodwa emasontweni adlule ufonele kwakhe.
“Kungixakile ukuthi uyithathephi inombolo yakwami.”
Uthe ngomunye unyaka edlala eMax's Lifestyle, eMlaza, kwaba nesixakaxaka kunowesifazane owayemfuna uthuli emmemeza esixukwini.
Wasola ukuthi kwakuwuyena. Kamuva umnakashele kuFacebook nakuTwitter kanti unama-akhawunti ayinqwaba angombombayi nokwenza kube nzima ukwazi ukuthi ungubani ngempela.
Eminye yemiyalezo evela kulo wesifazane obonwe yiSolezwe ngeSonto, uyafunga uyagomela ukuthi bazothandana kumnyama kubomvu.
“Sengiphilela ukubhlokha ama-akhawunti engisuke ngisola ukuthi ngawakhe. Ibuhlungu impilo engiyiphilayo ngenxa yokuthandwa ngenkani,” kuphetha uMsizi.