NKOSIKHONA CELE
USABA nokuphumela emnyango, owesifazane osemncane osekuphele iminyaka emibili ekhulelwe.
UNksz Slindile Khuzwayo (21) wakwaNongoma, uthi uma eya kodokotela babesifazane, bayamfaka emishinini kuvele ukuthi ingane ikhona esiswini futhi iyaphefumulo. Kodwa inkinga akasikwa futhi akekho nodokotela othi akahlinzwe okungcono.
"Sengiyesaba nokuphumela emnyango. Abantu bavele bangibuze ukuthi ngiteta nini. Ngivele ngingazi ukuthi ngizophendula ngithini," kuchaza uNksz Khuzwayo.
Echaza uthi waqala ukwethuka ngesikhathi kuhlangana izinyanga ezingu-10 engatetile. Uthi kusuka lapho impilo yakhe yaguquka. Uthi usegqigqe kuyona yonke imitholampilo kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
“Uyabona sengiqala ukukhathazeka. Ibuhlungu nansi into," ebalisa.
Uthi esibhedlela kwaHlabisa, bamtshela ukuthi kwi-ultrasound kuyavela ukuthi kunomntwana. Bathi nabo abasazi isizathu sokungateti kwakhe. Uthi wadlulela esibhedlela eBenedictin nakhona behluleka ukumsiza.
Uthi usegqigqe nakubantu ababonayo waze waba mfishane. “Bangaphezulu kuka-15 abathandazi esingibahambile,”kuchaza okhulelwe.
"Okungixakayo ukuthi nami ngiyazizwa ukuthi ngikhulelwe. Uyabona nje namanje ingane ngiyayizwa ikhona esiswini iyanyakaza futhi iyakhahlela," echaza.
Uthi nowesilisa athandana naye useze waliphonsa ithawula lokuthi uyoke ambone umntwana wakhe.
"Ubuthongo abusafiki. Ngiqwasha kuze kuse. Nesisu sesiqala ukuba buhlungu. Angisazi ukuthi ngenze njani,"usho kanje.
Omunye osondelene noSlindile, ukhale ngokuthi usephenduke inhlekisa emphakathini futhi kukhona igama asebemqambe lona elihambisana nesimo sempilo akusona.
Umelaphi wendabuko waKwaNongoma, esiligodile igama lakhe, oke waxhumana nalo wesifazane uvumile ukuthi uke wazama ukwelapha uSlindile. Ulibeke ngembaba elokuthi inzima inkinga abhekene nayo. Uthe ugadle zephuka. Uthe into elekelela umuntu wesifazane ukuba atete isihlambezo kanye nokushweleza kwabadala. Uthe bakwenze konke kwanhlanga zimuka nomoya.
Isazi kwezamasiko, uMnuz Thandanani Mnguni, uthe kukabili, kungenzeka ukuthi uSlindile ukhulelwe ngempela okanye akakhulelwe.
Uthe lolu hlobo lwenkinga lujulile ludinga abelaphi abazi imithi ejulile ngoba kufanele kuxhunywane nedlozi lakubo kujulwe ngoba yilona kuphela elingakwazi ukumkhulula kulawa maketango.
Omunye umelaphi, uMnuz Bongani Gumede uthe kungenzeka ukuthi bamkhiyile. “Kunokuthi atete angagcina eshonile. Kokunye ungathola ukuthi yisigaxa esikhula ngaphakathi kuyena sizenza samntwana. Kodwa usizo angaluthola,” kuchaza uMnuz Gumede.
Ugalagala lukadokotela olwelapha izifo zabesifazane noluphinde lube ngumbelethisi, uDkt Dumisani Zungu, luthe lolu hlobo lokukhulelwa lubizwa ngokuthi ukumiselelwa. Uthe imvamisa abesifazane ababa nalolu hlobo lokukhulelwa yilabo abasuke bekhulelwe ngosizo lwemithi yesintu.
Uthe ingozi ngalokhu kukhulelwa ukuthi kungathatha noma isikhathi esingakanani owesifazane engasikwa. Kokunye uthe kungenzeka ukuthi uSlindile ubhekene nePseudocyesis, ukuba nezimpawu zokukhulelwa kodwa ungakhulelwe.
Uthe kunzima nokho ukugeqa amagula engambonile. Mayelana nokuthi ahlinzwe, uthe sekuzoba nzima kakhulu lokho. Sekuzodingeka kusetshenziswe ubuchwepheshe bezokubelethisa obusezingeni eliphezulu futhi obubizayo.
UDkt Zungu uthe yize kunjalo, yena uzimisele ukuyitshatha le nselelo, wayalela lo wesifazane ukuthi azame ukubonana naye ngokushesha.