SIDUVE emakhazeni phesheya kwezilwandle eGreece isidumbu sikaNksz Sarah Masango, waKwaNdebele, eMpumalanga, oshonele esibhedlela ngoNovemba 14 nonyaka, enesifo sofuba. Umndeni wakhe kumele ukhokhe R71 000, ukuze isidumbu sakhe sibuyiswe kuleli.
UMnyango wezangaPhandle uthe ngeke ukwazi ukukhokhela izindleko zamakhaza nokumbuyisa kuleli umufi ngoba ubengeyena umsebenzi kahulumeni.
Izindleko zamakhaza ziyenyuka njengoba isidumbu sakhe sisemakhazeni.
Umfowabo kamufi uMnuz Gilbert Masango, uthe: “Udadewethu wayehlala eSunnyside, ePitoli, ngaphambi kokuya eGreece nesoka lakhe ngo-2014.”
Uthe bashaqekile bewumndeni bethola ngokushona kukadadewabo.
“Sithole ulwazi ehhovisi lenxusa lakuleli eGreece ngokushona kwakhe. Asikholwanga. Okwenza isimo saba muncu kakhulu wukuthi kumele sizikhokhele thina izindleko zokubuyisa isidumbu sakhe kuleli,” kusho uMasango.
Ihhovisi lenxusa lazisa umndeni ukuthi umufi walaliswa esibhedlela ngo-Okthoba 28, wagcina ngokushona.
UMasango uthe akukho lapho engayanga khona ecela usizo, ngisho neminyango eyahlukene kahulumeni.
Izindleko zokubuyisa isidumbu kuleli zibalwa ngama-euro, kulezo zindleko kubalwa ukusithutha isidumbu, amakhaza izimpahla zokusigqokisa, i-container yokusithwala nokunye.
Umndeni uthe bebengajwayele ukushayelana izingcingo bebethumelana imiqhafazo.
Incwadi ebhalwe yisikhulu somnyango eya emndenini kamufi iveza uzwelo ngokubehlele bese ithi bangaxhumana nomnyango uma bedinga usizo.
Okhulumela lo mnyango uMnuz Lunga Ngqengelele, uthe, “Ngeshwa kuwumthetho ukuthi asiyisizi ngemali imindeni esuke ishonelwe ngamalungu ayo ngaphandle kwakuleli,” kusho uNgqengelele.
Unxuse imindeni ivakashele iwebsite yabo ukuze ibona ukuthi yini okumele yenziwe uma ilungu layo lishonele ngaphandle kwakuleli.