USHAQEKILE umndeni wentombazane yaseDokodweni, okutholakale isidumbu sayo silahlwe emobeni. Umufi uNksz Xolile Mpanza (18) akuqondakali ukuthi ngubani ombulele.
Image: SIGCINIWE
USHAQEKILE umndeni wentombazane yaseDokodweni, okutholakale isidumbu sayo silahlwe emobeni. Umufi uNksz Xolile Mpanza (18) akuqondakali ukuthi ngubani ombulele.
Uninalume kamufi, uMnuz Jabulani Mpanza, uthe lesi simo sibahlukumezile kakhulu futhi abakakholwa wukuthi yinto eyenzeke ngempela.
''Lokhu bengihlezi ngikubona kuthiwa kwenzekile kodwa bengingazitsheli ukuthi kungenzeka lapha eduze kakhulu,''usho kanje.
Uthe lesi simo sibahlukumeze ngendlela engachazeki. Uthe: ''Indlela esizizwa ngayo njengomndeni ayichazeki. Ngikutshela ukuthi akucabangeki futhi akulaleki. Siwumndeni sihlukumezekile kakhulu.''
Uthe okudala isilonda esikhulu ukuthi bebesabheke lukhulu kumufi kanti abazi ukuthi uzohamba emhlabeni ngale ndlela enesihluku.
Umufi kuvela ukuthi ushiye emhlabeni umntwana oneminyaka emithathu. Kutholakala isidumbu sakhe nje kuvelile ukuthi ubekade enyamalele.
UNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli, uhambele umndeni kamufi ukuyobhonga emswaneni. Usigxekile lesi senzo wanxusa ukuthi kube khona ukusebenzisana phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyisa ngenhloso yokubhekana ngqo nalesi sihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwezingane nabantu besifazane.
Uthe kumele batholakale abenzi bokubi ukuze bezojeza. ''Kumele itholakale ivalelwe le migulukudu ebulala izingane zethu zamantombazane ebese iyocasha yona iqhubeke iphile. Akumele kube njalo kumele baboshwe ukuze sizonqotshwa lesi sihlava,'' usho kanje.
Uthe kuyichilo elibi kabi ukuthi kunamadoda akwazi ukwenza into enjengalena. Ulimise ngesihloko elokuthi lena yimidlwembe ecekela phansi igama lamadoda aqotho.
''Eqinisweni nje sibhekene nempi kodwa esingakwazi ukuthi siyinqobe uma nje singabambisana sonke.''
Kuyona le ndawo kuhlalukile ukuthi kukhona nabanye besilisa abadlwengule intombazane bezifihlile ebusweni. Kuvelile ukuthi umgilwa usesibhedlela. Naso lesi sigameko uNtuli usigxeke kakhulu.
Related Topics: