AMADODAKAZI azibonele abazali beshonela phambi kwawo kudilika indlu eMawoti, eNanda, athi kusenzima ukudlulisa lesi sithombe emqondweni.
UMnuz Simangaliso Zondo (68), ushone nomkakhe uNksz Nomathamsanqa Nyangule (55) ngoMsombuluko ebusuku kudilika ikamelo abebelele kulo. Lokhu kudalwe yimvula enamandla eqale ezingxenyeni eziningi zesifundazwe ngeSonto.
UNksz Zulungile Nyangule (19) oyindodakazi yabashonile, uthe abukho ubuhlungu ayophinde abuzwe obuyodlula ukuzwa amazwi abazali bakhe befuna usizo. Kwenzeke ngezithuba zabo 9 ebusuku izulu lilokhu liqhubekile nokuna. Ubenodadewabo uNksz Zama Zondo (29) ekamelweni elingaphakathi endlini enkulu ngesikhathi kwenzeka.
“Ngizwe umsindo sengathi kukhona okuwayo ngaphandle. Ngiphume endlini ngabona ikamelo labazali selidilikile. Sigijime nodadewethu sizwa bememeza befuna usizo bembozwe ama-blocks. Sizamile ukubatakula kwasho ukuthi beludilike lonke udonga phezu kwabo. Udadewethu ugijime wayobiza omakhelwane ukuzosiza, okuthe befika abazali bethu bese bethule ngaphakathi.”
KUSENZIMA kuNksz Zilungile Nyangule nodadewabo uNksz Zama Zondo abashonelwe ngabazali bedilikelwa wudonga genxa yemvula eMawoti, eNanda ngoMsombuluko. Isithombe: Zanele Zulu/Ana
Uthe umphakathi usizile ukususa ama-block phezu kwabo, bakhishwa sebeshonile.
“Ayikho into ebuhlungu njengokubona abazali bakho bephelela phambi kwakho, ungakwazi ukubasiza,” kusho uNksz Nyangule.
Uthe bobabili abazali bebengasebenzi, uyise ubehola impesheni. Indlu ayikaze ikhombise ngisho ukuqhekeka kwezindonga njengoba ivele yawa futhi isinesikhathi eside yakhiwa.
OyiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, izolo uvakashele umndeni oshonelwe wathembisa nokulekelela. Uyazelwana nomndeni oshonelwe ngenxa yemvula ehlasele eThekwini athe isazoqhubeka. Uthe mukhulu umonakalo odalwe yimvula, amathimba abo ezinhlekelele asaqoqa imininingwane ezocacisa ngokuthi mungakanani umonakalo owenzekile.
UNKSZ Nomathansanqa Nyangule oshone nomyeni wakhe bedilikelwa yindlu eMawoti, eNanda
“Siwuvakashele umndeni sawutshela ukuthi sizoweseka kulesi sikhathi esinzima. Siyajabula ukuthi ngisho amalungu omphakathi kule ndawo ayasiza ukulungisa umonakalo nokuvaleka kwemigaqo okwenziwe yimvula. Amathimba ethu azosebenza usuku lonke ukuqinisekisa ukuthi izindawo ezithintekile ziyalungiswa.”
Mayelana nemigwaqo evaliwe ngenxa yokugcwala amanzi okubalwa uM4 eMhlanga naseSibaya, uthe bazokwazisa umphakathi uma isilungisiwe. Uxwayise abashayeli ukuthi bayigweme imigwaqo elimele ngoba ayikaphephi.
Sebebathathu abashone ngenxa yemvula nokuduma kwezulu KwaZulu-Natal kusukela ngeSonto. Kubona kubalwa noNksz Sithembile Zimba (24) waseMantshentsheni, Okhahlamba, okuthiwa ushaywe wumphezulu ngeSonto kwasha nendlu.