UMLINGISI wodumo kuGenerations neSibaya, uSiyabonga Thwala, uzithintele kumaNazaretha ngokushiya kuleli bandla maqede wathi uxoshwe yizihlabelelo zomsunguli waleli bandla, uMqaliwendlela (uMphrofethi Isaiah Shembe) ngoba ziwundendende futhi ziyanensa.
USiyabonga osezelwe kabusha uthe uke wakhonza kuleli bandla kodwa ushiyiswe ukuthi wafunda enye incwadi yomunye umphrofethi eyamkhalisa izinyembezi yena nomkakhe. Ubuye waveza ukuthi abantu abangamaNazaretha abasamfuni nalapha ehambe khona ngenxa yesinqumo sokuhlubuka kuleli bandla.
Ezinye izinhlalisuthi zisine zazibethela kuSiyabonga zimsola ngokuba yiphixiphixi. Zimgxeka nje yingoba kuwo lo nyaka uSiyabonga utshele amaNazaretha ukuthi yena nomkakhe babengabatholi abantwana kwaze kwadingeka ukuba umkakhe ayobacela kuleli bandla. Izinhlalisuthi zithe seziyashaqeka uma uSiyabonga esethi iNkosi uJesu kuphela enamandla okuphulukisa abantu.
Okhulumela ibandla laseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe amaNazaretha akangazihluphi ngokushiwo wuSiyabonga ngoba bona baphatheke kahle kwaShembe. Uthe umuntu unelungelo lokukhetha inkolo ayithandayo ngoba zonke izinkolo ngezikaNkulunkulu. UMncwabe uthe okungekuhle ukugxeka nokugxekana kwamakholwa. Uthe okuhle ngesinqumo sikaSiyabonga ukuthi akashiyanga ubuNazaretha wangena etshwaleni kodwa uqhubeke nokukhonza uNkulunkulu.
"Kukhona abantu abathunyiwe kumaNazaretha. Umuntu othunyiwe usuke ezokwenza lokhu akuthunyiwe bese eyahlubuke, ayeke enkonzweni asuke ethunywe kuyo. Kukhona abantu abamenyiwe nababiziwe. Umuntu obiziwe uyahamba emuva kokuphela kwasuke ekubizelwe." Esephetha uMncwabe unxuse amaNazaretha aqhubeke nokukhonza uNkulunkulu waseKuphakameni, anganaki abanye abantu ukuthi bathini "ngoba uma kuhamba umuntu oyedwa kuza abanye abawu-100."