KUBUKEKA esephonse ithawula embangweni wesikhundla sokuba uMengameli we-ANC uNkk Lindiwe Sisulu.
Izolo kuvele ukuthi usefuna ukuzibandakanya nephini likamengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuthi abe yiphini lakhe uma kwenzeka ephumelela ekukhethweni njengomengameli wale nhlangano engqungqutheleni yayo eseNasrec, eGoli, eqala namhlanje.
Esitatimendeni okuthiwa senziwe ngokuhlanganyela phakathi kukaRamaphosa noNkk Sisulu, iphephandaba iThe Star elisesitebeleni esisodwa neSolezwe ngoMgqibelo elinaso, kubikwa ukuthi “bobabili bakwamukele ngentokozo” namagatsha abebaphakamisile ukuthi lokhu kwenzeke.
Nakuba kubikwa ngalolu hlobo, lokhu kuyashayisana nokwashiwo uRamaphosa ngenyanga edlule kwi-rally eyayikade iseSekhukhune, lapho athi khona uma ethatha isikhundla sokuba umengameli wale nhlangano, iphini lakhe kuzokuba wuNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe, uNkk Naledi Pandor.
UNkk Pandor wehlulekile ukuthola ukwesekwa okwanele ezifundazweni ezinhlanu eziphakamise uRamaphosa njengomuntu ezimfuna ukuthi athathe izintambo zokuba umengameli we-ANC.
Kulezo zifundazwe amagatsha aphakamise uSisulu noDkt Zweli Mkhize ukuthi kube yibona abazoba yiphini likaRamaphosa.
Njengoba le ngqungquthela iqala namhlanje, kunethemba lokuthi uzoqina umkhankaso kaRamaphosa ekukhethweni njengomengameli wale nhlangano.
Kule ngqungquthela ezophela ngoDisemba 20, kulindeleke nokuthi kukhethwe izikhulu zikazwelonke, kanjalo futhi nekomiti eliphezulu likazwelonke labangu-80 kule nhlangano.
Lesi senzo sesikubeke kwacaca ukuthi laba holi bobabili bazimisele ngokusebenzisana ukuya phambili.
“Bobabili bakujabulele ukwesekwa yizinhlaka ezahlukene, kusukela kumalungu omphakathi, ezamabhizinisi, ezabasebenzi, nomakadebona be-ANC,” kusho lesi sitatimende.
“Njengabantu abawuhloniphayo umsebenzi wabo, bavumile ukusebenzisana ukuze kufezeke izifiso zamagatsha abaphakamisile kule ngqungquthela,” sisho njalo.
URamaphosa kulindeleke ukuthi imbangi yakhe enkulu kulesi sikhundla kube nguDkt Nkosazana Dlamini Zuma, owake waba ngusihlalo we-African Union Commission.