BAKHUNGATHEKILE abantu baseMziyonke, eMnambithi, kuminza indoda ehlenge amadoda abeyodoba ngesikhathi egwiliza kanti kuzosala yona emfuleni uThukela.
Isidumbu sikaMnuz Gebhu Mchunu (20) sitholwe sintanta ngamaphoyisa atakula abasuke beminzile ngoMgqibelo ekuseni.
Ubekade ethungathwa umphakathi selokhu aminza ngoLwesine.
Kuthiwa umufi waya kodoba nabangani bakhe abathathu esizibeni eZingeni esisemfuleni uThukela. Ukushona kwaso kungamitha amane.
Umufi uyena obemdala kubantu ayehamba nabo.
Kuthiwa ababili balaba bafana bafike babophela inethi ababamba ngayo izinhlanzi etsheni, base bengena esizibeni befuna ukuwelela ngaphesheya beyoyibopha khona.
Umufi kuthiwa wayehlezi ngaphandle kwesiziba, omunye umfana emi ezansi komfula elinde ukuhlenga umuntu omukayo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Bhekokwakhe Majola, lithe abafana abafaka inethi bahlangabezana nenkinga sebephakathi nendawo esizibeni kwaphoqa uGebhu ukuthi ayobahlenga.
UMajola uthe umufi wakhumula wasedayivela phakathi esizibeni.
Uthe wabahlenga laba ababili baphumela ngaphesheya komfula, kanti yena uzocwila unomphela.
“Sicela abazali bakhuze izingane zabo zingezi kulo mfula oyingozi. Abantwana abazimbandakanye nezinto ezinenqubekela phambili bapheze ukuzobhukuda noma badobe kulesi siziba,” kusho uMajola.
Uthe isidumbu besingenalutho ngaphandle kokuphuma igazi ngamakhala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi isidumbu sikaGebhu sitholwe ngamaphoyisa sintanta emfuleni.
Uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu eliphenywa ngamaphoyisa aseZakheni.
Maphakathi nesonto eledlule kuminze umfanyana emfuleni oseSteadville, eMnambithi, obebhukuda nabangani bakhe.
Lokhu bekulandela isehlo esenzeka emasontweni amabili edlule somfanyana owatholwa entanta edamini eDriefontein, eMnambithi. Wayekade ebhukuda nabangani bakhe kanti uzominza.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal asanda kukhipha isexwayiso ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu abaminzayo emadamini, emifuleni noma olwandle.
Axwayisa ngokuthi abantu abapheze ukubhukuda ezindaweni eziyingozi nalapho bengekho khona abaqapha ababhukudayo.