INZIMA impilo endodeni yakwesaKwaBiyela, eMpangeni, esinde yosiwa emcimbini.
UMnuz Muzikayifani Gumede (42) uthi usephenduke inkubela njengoba eshe kabi ezithendeni nasesiswini.
Uthe ubesemcimbini komunye umuzi endaweni lapho bekuhlatshwe khona inkomo emasontweni edlule.
“Angisona isihlobo kulo muzi kodwa ngaya ngoba ngiyaphuza futhi ngiyindoda. Ngahlala kwaze kwahlwa namanye amadoda esibayeni,” kusho uGumede.
Eqhuba uthe esibayeni bekuphuzwa utshwala, kothiwe umlilo ababekade bosa kuwona inyama.
“Kwathi ngingazelele lutho kwangena amadoda engingawabonanga ebusweni ngoba kwase kumnyama. La madoda awakhulumanga lutho avele angigxavuna angiphosa phakathi emlilweni. Ngenxa yokuthi ngase ngeqiwe yizinkamba, ngapaquza emlilweni isikhathi eside ngihlekwa. Emva kwalokho ngavuka nganikela ekhaya ngejubane,” kuchaza uGumede.
Uqhube wathi akananxa namuntu futhi akasazi isizathu sokushiswa kwakhe.
Uthe lesi sigameko senze impilo yanzima ngoba akasakwazi nokuvuka ayobamba amatoho ukuze aziphilise nomndeni wakubo.
“Ngaya esibhedlela ngalaliswa ubusuku obubodwa. Kumanje ngisadla amakhambi. Esiswini kungcono ngiyabona ukuthi kuzophola ngokushesha. Inkinga isesithendeni lapho ngasha kwacishe kwagqashuka imisipha. Ngihamba ngezinduku ngikhuluma nje. Angibazi abantu abangenze le nto. Abanikazi bomuzi owawunomcimbi angikaze ngikhulume nabo ngoba kungahambeki,” kusho uGumede.
AKUHAMBEKI kuMuzikayifani Gumede osinde ephoswa emlilweni emcimbini
Uveze ukuthi uzimisele ngokuvula icala ukuze amaphoyisa ezophenya.
“Okwamanje akukahambeki,” kusho uGumede.
UNksz Ntobeko Gumede (20) owumshana walo mlisa uphawule wathi: “Umalume akanalo uchuku futhi akajwayele ukuba unoziga. Siyafisa bajeze abantu abamshisile.”
Uthe ngoLwesine kuleli sonto uphelezelwe amanye amalungu omndeni baya kobika isigameko emzini obunomcimbi ngenhloso yokuthola umkhondo wabasolwa.
“Umama wakhona usixoshile wathi akahlangani nokusha komuntu angazange am'meme,” kusho uNtobeko.
Induna yendawo uNkk Busisiwe Gcabashe ithe ubuholi bendabuko abuhambisani nodlame emicimbini.
NgokukaNkk Gcabashe, ababekhona ngelanga lesigameko sebembikele ngokwenzeka, kodwa uMnuz Gumede ubengakafiki ukuzobika ngokwakhe.
“Sengizwile ukuthi bayaziwa abantu abamshisa lo mlisa nokuthi babeganga ngaye ngoba wayeqiwe yizinkamba. Ngizoluphenya udaba ngiludlulisele enkosini,” kusho uNkk Gcabashe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe kuyicala ukulimaza umuntu ngokumshisa.
“UMnuz Gumede akaye emaphoyiseni ukuze kuphenywe udaba lwakhe kutholakale nokuthi ukulimala kwakhe kubi kangakanani,” kusho uZwane.
Umnikazi womuzi owawunomcimbi akatholakalanga ukuba aphawule.