USINDE ngokulambisa ethunjwa owesifazane obethole umsebenzi wokugada ingane eDassenhoek, eMariannhill, komunye wesifazane kwiFacebook kanti uzoqolwa imali namakhadi asebhange kwafunwa imali yokumkhulula emndenini wakhe.
UNksz Neliswa Phohlo usindiswe wukuthi umndeni wakhe ukhiphe imali enguR4 400 ebifunwa yindoda ebishaya ucingo ithi imthumbile isabisa nangokumbulala.
Kuthiwa uNksz Phohlo ubone isikhangiso kwiFacebook ekhasini i-domestic workers sifakwe owesifazane ozibiza ngoMandisa Ndlovu obefuna umuntu ozogada ingane.
UNksz Phohlo ube esexhumana nalo wesifazane ngocingo emyalela ukuthi abahlangane esitobhini thize eMariannhill.
Uthe efika esitobhini okuthiwe akehle kusona wahlangatshezwa ngowesilisa othe uthunywe wuNksz Ndlovu ukuthi azomlanda ngoba yena kukhona okusambambile.
Umfowabo kaNksz Phohlo, uMnuz Xolile Phohlo, uthe le ndoda ibe isiyalela udadewabo ukuthi abahambe ngendlela enqamulelayo edlula ehlathini.
“Sebephakathi ehlathini le ndoda ijikele uNeliswa yamphuca amakhadi asebhange neselula yashintsha izinombolo eziyimfihlo zokuvula iselula yakhe. Iyalele uNeliswa ukuthi afune uR2 500 emndenini wakhe ukuze imkhulule kungenjalo izombulala. Ngibe sengikhuluma nale ndoda sashayisana ngenkulumo yathi ngoba ngiyagoloza iyayinyusa imali isifuna uR3 000,” kusho uPhohlo.
Uthe bewumndeni bahlanganise uR4 400 wokukhulula udadewabo bawufaka ekhadini lasebhange likaNksz Phohlo ebese liphethwe yile ndoda.
“Shuthi ibonile kwiselula kadadewethu ebisiphethwe yiyona ukuthi imali isingenile ngoba imdedelile maqede yabaleka. UNeliswa uphume ehlathini wahlangana nowesilisa omthathe wamuyisa emzini kasomatekisi wendawo omtholele usizo lwamaphoyisa,” kusho uPhohlo.
Kuthiwa le ndoda ibisikhiphe uR2 000 kwi-akhawunti kaNksz Phohlo ngesikhathi beshayela ibhange ucingo befuna kuvalwe ikhadi.
“Sisashaqekile yilesi sigameko. Besingazelele futhi udadewethu ubekhala ebukeka edidekile ngemva kwesigameko. Sixwayisa abantu ngalo wesifazane oqola abantu ebathembisa umsebenzi ongekho,” kusho uPhohlo.
UNksz Phohlo uthe le ndoda ebimbambile ibibukeka ikhululekile kodwa imjikele sebeguduza ehlathini yamsabisa ngokuthi uma ingangeni imali kukhona ababalinde ngemoto ngaphandle kwehlathi abazomdlwengula bambulale uma eke wamemeza.
Uthe ubewudinga umsebenzi yikho ebewufuna ngisho kwiFacebook.
“Lesi sigameko sasilandela esendoda eyatholwa wumphakathi iboshelwe esihlahleni ehlathini. Ngenhlanla akukho muntu otholwa edlwenguliwe noma ebulewe. Abantu abaqaphele ngabantu abathembisa umsebenzi ongekho kwiFacebook,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokuthumba elivuliwe. “Abasolwa abaziwa njengoba bexhumane kuFacebook base behlangana. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uColonel Mbele.
Amaphoyisa axwayise umphakathi ukuthi uqikelele ukuhlangana nabantu abasuke bengabazi ikakhulukazi uma bexhumana ezinkundleni zokuxhumana.