UMLISA waKwaNtombiziyaqonywa, eMahlabathini, uthi kusazothatha isikhathi ukuthi axole ngesenzo sikayise wakhe omncane omgence ngocelemba ekhanda ngoba emsola ngokuhlambalaza isithunzi somkakhe okunemibiko yokuthi ujola nomshumayeli webandla lamaNazaretha.
UMnuz Sfiso Mncwango (43) uthe namanje usazibuza imibuzo engaphenduleki ukuthi kungani uyise omncane emsola ngokungcolisa igama likankosikazi wakhe, athi uhamba emhleba kubantu ngokuthi ujola nombhishophi wethempeli laseSnethemba elingaphansi kwebandla lakwaShembe.
Uthe sekunesikhathi kwaqala le ngxabano emndenini neyasuswa wumsindo wokunukwa ngokuhlambalaza inkosikazi kababa omncane wakhe. Umndeni obusuhlale phansi kaningana udingida lolu daba, ubusuhlele usuku lwenhlawulo ngenhloso yokuthi amalungu athelelane amanzi njengoba elinye lawo (umsolwa) linqume ukuzihlakaza izinhlelo ngokuhlahlela umgilwa ngocelemba. Uyise omncane kaMncwango kuthiwa ngeSonto eledlule, ufice umgilwa ehlezi nabalisa ababili ajwayelene nabo, maqede wamgenca ngasendlebeni yangakwesobunxele ngocelemba ayewuphethe.
“Kube yinhlanhla ukuthi ngiphenduke ngibheke ngakuye ngenkathi ethi uyaqeda ngami. Njengoba ebeqonde ukungihlahlela ekhanda nje ngabe ngilele kobandayo. Kumanje ngiyafa yizinhlungu njengoba ngithungiwe endlebeni. Angazi ukuthi yini le engaka engone ngayo ubab’omncane njengoba ebesho ukungibulala ngocelemba?
“Ngamtshela kwasekuqaleni ukuthi angiyazi le nto angisola ngayo. Ukuhlawula ngikuvumile nakho ngoba nginqena umsindo nokukhuluma. Ungigenca ngocelemba nje bengimatasa nezinhlelo zokuthola imbuzi yokuhlawula,” kuchaza umgilwa.
Eqhuba uthe yize umndeni umtshela ukuthi akaxole, kusekude ukuthi akhohlwe ngokumehlele njengoba kusale kancane ukuthi angcwatshwe. Uthe ufisa umthetho udlale indima yawo ngokuvalela umsolwa ngaphakathi ukuze ajeze ngesenzo asenze kuye.
Ethintwa umshumayeli wethempeli iSinethemba, uMnuz Leonard Mncwango mayelana nalulo daba, unqabile ukuphawula.
“Ngicela ukungaphawuli kulolu daba njengoba lusenkantolo. Okungimangazayo nje wukuthi lolu daba lomndeni selunekelwe izwe lonke,” kubeka umshumayeli kafushane.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko sokulimala komlisa oklajwe ngocelemba.
“Amaphoyisa asesiteshini saseMahlabathini avule icala lokushaywa komlisa oneminyaka engu-43. Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-48 nobekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini namhlanje (izolo),” kuphetha uCol Mbele.