YINGXENYE yezicukuthwane ebezihambele umcimbi wokwamukelwa kwabafundi eNkungumathe Youth Centre, eNkandla Isithombe: SITHUNYELWE
INKOSI Bhekizizwe Biyela engusihlalo wamakhosi eNkandla, idonse ngendlebe intsha ngesikhathi ihambele umcimbi wokwamukelwa kwabafundi abathathwe ngaphansi kohlelo lokusebenza-ube ufunda eNkungumathe Youth Centre, kule ndawo.
Inkosi inxuse intsha ukuba ilesabe ihlazo ukuze ingaphazamiseki kulolu hlelo olungaphansi kwenhlangano engenzinzuzo, iNkungumathe NPO kaMnuz Mthokozi Mchunu.
"Kubalulekile ukuba amathuba afuze lawa niwabambisise okwezikhali zamaNtungwa.
"Cabangani ngekusasa kunemhlanje. Niyanxuswa ukuba niziphathe kahle, ningasitheli ngehlazo. Nibe ngabantu abalawulekayo. Ayikho into embi njengokungalisabi ichilo, uthi 'abantu bazongenzelani?“
INkosi ibuye yaluleka intsha ngegciwane lesandulela-ngculazi nengculazi uqobo lwayo. Ithe kufanele bazi abantu abasha ukuthi ingculazi isekhona futhi isadla fumuka, isadla slaza kuleli.
"Kubalulekile abantu, ikakhulukazi abantu abasha, bakuqonde ukuthi ukungenwa yisifo usuke ungasimemanga, ungabi namahloni ngaso uze ugcine sewuba namahloni ngisho nokudla amaphilisi." INkosi inxuse ukuba abantu asebengenwe yizifo balandele imigomo yabezempilo ukuze baphile isikhathi eside.
"Nakhu nje thina sidla amaphilisi oBP kodwa asizinyezi ngazo kodwa siyazilawula," kuphetha iNkosi.
UMchunu uthe bebehlanganise intsha engu-282 esanda kuphothula izifundo zika-matric nesasezikhungweni zemfundo ephakeme engaphansi kohlelo lwe-internship.
Uthe kulolu hlelo usebenzisana nabeFasseta nabeSasseta, okuyibo abatholela le ntsha izinkampani ezosebenza kuzo futhi iyayinikeza nemihlomula.
UMchunu uthe intsha eno-matric izonikezwa uR3 500 neLaptop yokwenza umsebenzi bese engabameli inikezwe uR7 000 kanti engosonhlalakahle inikezwe uR5 500. Esephetha uthe le ntsha izoqala ukutshalwa ezinkampanini ezihlukahlukene futhi ezisezifundeni zaKwaZulu-Natal.
Abanye ebebeyizicukuthwane kulo mcimbi yiNkosi yaseDonnybrook, uPatrick Memela, iNduna yaseMshisandlu, uMnuz MS Mahaye, uNksz Thabile Gama weSasseta, uMnuz Xola Mguzulwa weFasseta, uMnuz Sibusiso Langa oyimenenja yasesibhedlela sasoKhombe, eNkandla, uNksz HN Khuzwayo ngungoti wezemithetho noMnuz Philani Mpungose obhekene nezezimali kwiNkungumathe NPO.
Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe ngobunyoninco ngumsakazi woKhozi FM, uQiniso Mbili futhi kunandise umculi kamaskandi, Imfezemnyama.
Related Topics: