UZOBHADLA ejele usigaxamabhande wombutho wezokuvikela, iSouth African National Defense Force (SANDF) olahlwe ngamacala okukhwabanisa nenkohlakalo.
U-Andiswa Mdekazi (58) oyisikhulu esiphezulu ophikweni lwezabasebenzi kwiSANDF ulahlwe amacala amabili okukhwabanisa nelilodwa lenkohlakalo eNkantolo eNkulu yezombutho wezokuvikela. UMdekazi uxoshiwe kwiSANDF ngemuva kwesinqumo.
Isigwebo sikaMdekazi sibuyekeziwe ngesonto eledlule enkantolo yezikhalo wagcina esegwetshwa iminyaka emine esejele aphinde akhokhe imali ayikhwabanisile.
Okhulumela iSANDF uBrigadier General Mafi Mgobhozi uthe ukugwetshwa kukaMdekazi kulandela uphenyo ngokuziphatha kwakhe ngendlela ekhuthaza inkohlakalo kwiSANDF.
“Kutholakale ukuthi uMdekazi wasebenzisa isikhundla sakhe ukwenza abebesebenza ngaphansi kwakhe bafake imali ngokungekho emthethweni. Ubesebenzisana nesinye isikhulu ezenzweni zenkohlakalo naso esigwetshiwe ngokuba nesandla ezenzweni zobugebengu” kusho uMgobhozi.
Uthe uMdekazi uphinde watholwa enecala lokukhwabanisa ngokumela ngendlela engafanele iSANDF emuva kokuthi aqashe umuntu awayefake isicelo esachithwa ngoba engahlangabezani nezidingo zomsebenzi ayewufakele isicelo.
“Umkhandlu wamasotsha uyasamukela isigwebo sikaMdekazi futhi uqinisekise bonke abasebenzi beSANDF ukuthi uma benza okuphambene nomthetho bazojeziswa noma ngabe basezikhundleni ezingakanani,” kusho uMgobhozi.
Uthe kuphazamiseke ukusebenza ophikweni lwezabasebenzi kwi-SANDF ngenxa yamacala kaMdekazi. Uthe uMdekazi uzoqala isigwebo sakhe eKgosi Mampuru ePitoli.