ZONKE izimvumo zokushayela ezidlulelwe yisikhathi kusukela kuMashi 26 kuze kushaye, okubandakanya noMeyi 31, zizobe zamukelwa njengezisemthethweni kuze kuphele izinsuku ezingu-90 kusukela ngoJuni 1.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula eCenturion Licensing Centre ekuseni. UMbalula ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kohlelo lokufakwa kwama-learner licensing kwi-computer.
"Lokhu kuhlanganisa wonke ama-learner’s licences, uzincwadi zokushayela, izincwadi zokushayela zesikhashana, ama-disc ezimoto, amaphemithi esikhashana, izitifiketi eziqinisekisa ukuthi imoto ifanele ibe semgwaqeni nama-professional driving permits,” kusho uMbalula.
Uthe nezinombolo ezibizwa ngama-motor trade number licences aphelelwe yisikhathi, nawo azothola ushwele wezinyanga eziyisithupha kusukela ngosuku okumenyezelwe ngawo lo shwele.
"Izikhungo zokuvivinyelwa izimvume zokushayela, ezpkubhalisa, ezokuhlolwa kwezimoto nezikole zokushayela kuzoqala ukusebenza kusukela ngoJuni 1, kodwa kuyoya ngokuthi kuhlanzeke kanjani, kucheliwe ngesibulali magciwane, abantu baqhelelene kangakanani nokuthi ikhona yini i-sanitiser."
Ube esekhipha umyalezo oshubile edonsa ngendlebe abantu abazovakashela kulezi zikhungo ukuthi akekho oyovunyelwa ukungena khona engazigqokile izifonyo zobuso ezivala umlomo namakhala.