KUBE nosizi esikhungweni okumakwa kusona iphepha leTourism lakwa-matric uthisha obemaka ekhala ngezinhlungu esifubeni, washayeka phansi washona.
Lesi sehlakalo senzeke ngoLwesibili esikhungweni iPietermaritzburg Girls High, eMgungundlovu.
UMnuz Thokozani Gumede, ofundisa eBiva High, esifundeni uMkhanyakude, kuthiwa uqale wakhala ngezinhlungu esifubeni, wafuna ukusondezelwa amaphilisi akhe.
Kuthiwa esasondezwa sekubizwe ne-ambulensi ube eseshayeka phansi, washona khona lapho.
UNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane udlulise amazwi endunduzo emndenini kaGumede.
Uthe kujutshwe ithimba eliye kulesi sikhungo ukuyohlangana nothisha abamakayo.
Ngenxa yokuba muncu kwesimo umnyango ujube nabaluleka ngokomqondo ukuyokhuluma nabamatasa benza umsebenzi wokumaka kulesi sikhungo.
“Okwamanje asifuni ukuqagula ngokuthi ubulawe yini. Sizolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu okuyiyo ezohlonza ukuthi ngabe kudingeka ukuthi ube nophenyo.
Ozakwabo abemaka nabo basathukile kodwa ukumaka akuzange kuphazamiseke,” kusho uDlungwane.
Uthe benoMnyango wezeNhlalakahle yoMphakathi bazoqinisekisa ukuthi abamakayo bathola ukwelulekwa.
“Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini wakhe, izihlobo kanjalo nabangani. Asifuni ozakwakhe baphazamiseke ngenxa yalesi sehlakalo,” kuqhuba uDlungwane.
Izinyunyana zothisha zithe zizophakamisa ukuthi kuhlale kune-ambulensi okungenani eyodwa ezikhungweni zokumaka.
UNobhala jikelele weSadtu uNksz Nomarashiya Caluza, uthe kumele ihlale ikhona okungenani eyodwa i-ambulensi ukuze kube lula ukubhekana nezimo eziphuthumayo, kungalindwa imoto ezofika izosiza esuka kude.
Uthe nothisha kumele baye ezikhungweni zokumaka bephila saka.
“Angisho ukuthi uthisha ubegula. Kodwa othisha kumele bacabangele impilo kunemali.
Kumele baye bephila saka ngoba umsebenzi owenziwa kumakwa unengcindezi enkulu,” kusho uNksz Caluza.
Uthe komunye unyaka omunye uthisha washona esikhungweni sokumaka bathola ukuthi wayefune incwadi yokudedelwa esibhedlela egula ukuze ayomaka.
UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uvumelene noNksz Caluza ngokuthi kumele kube nemoto yezimo eziphuthumayo ukuze basizakale abagulayo.
Uthe lokhu kungasiza kakhulu ngoba uthisha ubengaluthola usizo oluphuthumayo ngokushesha.
“Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini kathisha obumlinde ukuthi uzobuyela ekhaya ngemuva kokumaka. Sinethemba ukuthi njengoba eshone esemsebenzini umnyango uzombhekela ngendlela.”
Imizamo yokuthola umndeni kaGumede ayiphumelelanga.
Izolo othisha abamaka kwezinye izikhungo bebeyikhuluma le ndaba, bezwakalisa ukushaqeka ngokushona kukaGumede.
Omunye wothisha omaka isiZulu, uthe noma bengamakeli endaweni eyodwa kodwa bazwile ngokudlula emhlabeni kukaGumede.
“Sishaqekile ngoba uma simaka sisuke sifuna ukubuyela emakhaya siphelele. Kubuhlungu ukuthi umuntu afe enza umsebenzi wesizwe,” kusho lo thisha.