“NGESIKHATHI ngizwa izindaba zokudlula emhlabeni kukaBaby Lee ngihlulekile wukuzibamba, izinyembezi zigcwale amehlo. Ngaso sonke isikhathi uma ngimbuka ejima bengihlale ngibona uKatie Taylor wase-Ireland ongumpetha weWBA, WBC, IBF neWBO Lightweight. Esitebeleni sethu i-All Winners Boxing Club uyena yedwa obeyibhokisa lesifazane, benginezinhloso ezinkulu ngaye”
La mazwi ashiwo uMlandeli Tengimfene obeyimenenja kaLeighandre “Baby Lee” Jegels oshone ngoLwesihlanu emuva kokudutshulwa obeyisoka lakhe okuthiwa ubese elifake isivimbelo senkantolo ngenxa yokuthi belimhlukumeza. Kuthiwa lo mshayisibhakela obemakhonokhono njengoba nakwi-karate ubungeke umthinte. Udutshulwe ehamba nonina belibhekise ejimini i-All Winners Boxing Club, eMdantsane, e-East London. Kuvela nokuthi nonina kumbulwa kwembeswa kuye esibhedlela njengoba edubulekile naye. UTengimfene uthe uBaby Lee ushone elungiselela impi yakhe noSiphosonke Nxazonke ebizoba ngo-Okthoba 5, eMthatha. Le mpi obekuhloswe ngayo ukubuyisa umgqigqo wakhe beyizobhulela amazolo eyomhlaba kaThulani “Tulz” Mbenge nebhokisa laseGhana. Le ntokazi eyake yaba yingqwele yesicoco sakuleli seSuper Flyweight igcine ukubonakala eringini ngo-2017 ishaya ngomngqimuzo womlalisa phansi uFatuma Yazidu waseTanzania. Ishone ingawazi umpetshisi. Izinqobe zoyisishiyagalolunye izimpi zayo. Kulesi sibalo eziyisikhombisa iziwine ngemingqimuzo yomlalisa phansi. UTengimfene uveze ukuthi isizathu esidale ukuthi agcine ukulwa ngo-2017 uBaby Lee ukuthi ubesegxile emsebenzini wobuthishela. “Kwi-All Winners Boxing Club, uBaby Lee ufike ngoMeyi wase engitshela ukuthi uyahluleka ukuyeka isibhakela ngoba sisemithanjeni yakhe. Sivumelane ngokuthi simfake ezimpini zango-Okthoba 5. Ubematasa elungiselela le mpi. Besihlela ukuthi ngemuva kwayo simtholele ezomfaka ezilinganisweni zeWBC. Impela sife olwembiza,” kubeka uTengimfene.
Njengoba abaqeqeshi bezamankomane behlala bekhala ngobunzima bokucija amabhokisa esifazane, uTengimfene uthe kuBaby Lee bekungolunye udaba.
“UBaby Lee ubenzisa kwendoda futhi le eqinile. Ubejima njengamabhokisa abesilisa. Ubuhlungu ubengabusabi nakancane. Ngicabanga ukuthi usizwe ukudlala ikarate ngaphambi kokujoyina isibhakela. Amabhokisa asesitebeleni sethu ebazi kahle ukuthi uma ezongcweka naye abethwala kanzima”
UTengimfene uthe umndeni ubungakabazisi ngezinhlelo zomngcwabo nangezenkonzo yesikhumbuzo. Uthe lokhu kudalwa ukuthi unina waleli bhokisa usesibhedlela. Kuvele ukuthi isoka liboshiwe kodwa lisesibhedlela ngemuva kokulimala lishayisa nemoto ngemuva kwesigameko.