ISIKHULU sikamasipala esidutshulwe sabulawa sihamba ngemoto yaso edolobheni eMnambithi, kuthiwa siyalele abasibhekele imfuyo yaso ukuthi bayifake kahle uphawu ukuze umndeni waso ungahlupheki uma kwenzeka sishona.
UMnuz Simingaye Oscar Hlatshwayo (38) obeyi-Excutive Director oPhikweni loKwakhiwa kweNgqalasizinda kuMasipala i-Alfred Duma, kuthiwa bekungakapheli isikhathi eside eyalele omunye wabangani bakhe ukuthi enze isiqiniseko sokuthi imfuyo yakhe inophawu.
Umfowabo, uMnuz Sizwe Hlatshwayo abehlala naye, uthe umfowabo ubengakukhonzile ukukhuluma, ubethula noma kukhona into emphethe kabi kodwa uzwe kuthiwa ubeke wayaleza ukuthi imfuyo yakhe ayiphawulwe kahle.
“Umfowethu bekungumuntu ozithandela umsebenzi, uma kunento emphethe kabi ubethula nayo, ubeze akhulume uma kunomsebenzi okumele umenzele wona. Ubefuna into yenziwe ngendlela ayichaze ngayo ungashintshi nokuncane. Uma uke washintsha indlela akutshele yona benixabana,” kusho yena.
Uqhube wathi akukho umfowabo abeke wakusho okusondelene nokuthi kukhona abafuna ukumbulala.
“Indlela okwenzeke ngayo sisola ukuthi yinto ebihleliwe futhi bekwaziwa ukuthi ekuseni edolobheni kuba nesiminyaminya, izimoto zihamba kancane, nebala bekunjalo, ababulali bamdubule ebanjwe yisiminyamaminya. Sithemba ukuthi amaphoyisa azoqhamuka nomkhondo ngoba okwamanje sisadidekile, akukho esikwaziyo,” kusho yena.
UMNUZ Simingaye Oscar Hlatshwayo obeyi-Excutive Director oPhikweni loKwakhiwa kweNgqalasizinda kuMasipala i-Alfred Duma
IMenenja yezokuXhumana kuMasipala i-Alfred Duma, uMnuz Siyabonga Maphalala, ithe uHlatshwayo ubeneminyaka ewu-15 esebenzela lo masipala. Waqala ukusebenza kuwo kusewuMnambithi.
Uthe phakathi kweminye imisebenzi encomekayo ayenzele lo masipala, ukuhola uhlelo lokuhlanganiswa kwengqalasizinda, ngesikhathi kuhlanganiswa uMasipala uMnambithi ayewusebenzela neNdaka, kusungulwa i-Alfred Duma, ngo-2015.
Umfowabo kamufi uthe uzofihlwa ngoMgqibelo.