NJENGOBA abanye abazali belungiselela ukubuyela kwezingane zabo ezikoleni ngoJune 1, okuwuMsombuluko, ezinye zezikole zaseGauteng azizobuyela ngalolu suku. Lokhu kulandela ukuvela komfundi wesinye sezikole ukuthi usehaqwe yiCovid-19.
UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi umemezele lokhu izolo ngesikhathi ebheka ukulungela kwezikole ukuvula ngoMsombuluko.
Uthe abazali balo mfundi waseBronkhorstspruit, bazise lo Mnyango ngoLwesithathu. Lokhu uthe kwenze ukuthi uMnyango ushintshe usuku obekuzovulwa ngalo izikole kulesi sifundazwe.
"Uma izingane zidlala emphakathini, zidlala nezingane zakwezinye izikole. Ngesikhathi abazali besazisa sinqume ukuthi senze ushintsho ezinhlelweni ngaphambi kokuthi izingane zakulawa mphakathi zibuyele ezikoleni,"kusho uPanyaza.
Uthe kunezikoleni ezingezoqala ukufunda ngoJune 1 njengoba kumenyezeliwe kodwa wakugcizelela ukuth izikole zakulesi sifundazwe zime ngomumo ukumelana nokunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane elibulalayo.
Ezinsuku ezimbili ezedlule kuke kwanemibiko ekhomba ukuthi kunothisha abane baseWestern Cape osekutholakale ukuthi bahaqwe yileli gciwane.
Labo thisha abasezikoleni iHague Primary eDelft, Parkvale Primary eValhalla Park, Kasselsvlei eBellville neWallacedene Primary eKraaifontein.
Yize kunjalo kodwa uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo uNkk Angie Motshekga usamile kwelokuthi uMnyango wakho sewume ngomumo ukulungela ukubuyela kwabafundi bakaGrade 12 no-7 ezikoleni ngoJune 1.
Ukugcizelele nokuthi uneqholo lokuthi bewuMnyango bathathe isinqumo esifanele ngalokhu kubuyela kwabafundi ezikoleni ngale ndlela.
UNkk Motshekga kuindeleke ukuthi abe nesithangami sabezindaba namhlanje ntambama ngaphambi kokuthi kuvulwe ngMsombuluko.