UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Lindiwe Zulu wenze ushintsho ngendlela okukhokhwa ngayo isibonelelo sikahulumeni, nangokufakwa kwezicelo zesibonelelo sikaR350.
Ngokwemithetho emisha, abafake isicelo sokunikezwa imali eyisipesheli, bangakwazi ukufaka isikhalo kwaSassa uma bechithwa.
Lokhu kusemqulwini kahulumeni iGovernment Gazette okhishwe ngeledlule.
UNksz Zulu uthe imali yesibonelelo sokugula esiphelelwa yisikhathi ngoJulayi noma obekumele siphelelwe yisikhathi phakathi kuka-Agasti no-Okthoba, sekuyoze kushaye uDisemba besasithola abahlomulayo kusona. Uthe nesibonelelo esitholwa yizingane eziphila nokukhubazeka sizotholakala kuze kube wuDisemba 31.
Abathola isibonelelo sokukhubazeka obekumele siphele ngoJanuwari 2020 bona bazokhokhelwa kuze kube uDisemba 31.
UNksz Zulu uthe izincwadi zodokotela ezilethwa ukuze abakhubazekile bezothola umhlomulo zizolulelwa isikhathi zingabe zisasetshenziswa ezinyangeni ezintathu kodwa zibe ezezinyanga eziyithupha, kusuka ngenyanga abahlolwe ngayo.
UNksz Zulu uphinde wamemezela ukuthi kuzoba nohlelo lokucubungulisisa izicelo zemali yesikhashana enguR350, kwabachithwa yiSassa.
Ngokwemithetho emisha, yiSassa kuphela ezokwazi ukwazisa umuntu othola umhlomulo ukuthi bafanele yini ukuwuthola uR350.
UNksz Zulu uthe uma bengayitholi imali kumele iSassa ibanikeze izizathu, nokuthi batshele laba abachithiwe ukuthi bangazifaka kabusha izicelo.
Bazonikezwa izinsuku ezingu-15 ukuba baphinde.
Ngokusho kukaNksz Zulu, kuzoba yizinsuku ezingu-30 kusacubungulisiswa isicelo esesifakwe kabusha, bese aziswa osifakile ukuthi kwenzekeni.
Uthe uma bengazifaki izicelo zokuba kucutshungululwe isicelo sabo kulezi zinsuku ezingu-15 njengoba sekuphume umthetho omusha, abakwaSassa ngeke besazibheka.
“Uma sesibhekisiswe okwesibili isicelo, kuyoba isinqumo sikaSassa ujuqu, ngeke kusaphindwe kucutshungulwe.”
Yize kunjalo ofake isicelo uma engagculisekile angafuna isinqumo sibuyekezwe, uma iSassa isikhiphe isinqumo.
UNksz Zulu uthe noma yinini inganqanyulwa le mali, uma izimo zohlomulile zishintsha.
– ANA