UKUPHUMELA eshashalazini kukaTeddy (okuyindawo elingiswa nguSicelo Buthelezi kwiGomora) kugqugquzele isilomo sikathisha waseMpangeni ukuba sikhulume ngokudlwengulwa kwaso ngesikhathi sisesincane.
UMlungisi Mhlongo (29), osedume ngelikaNomalizo emuva kokushintsha ubulili bakhe, uthi ukunukubezwa ngocansi kukaTeddy nguthisha wakhe uMiss Manzi, kumthunuke amanxeba abesaphola. UNomalizo uthi esakhula ubedlwengulwa nguninalume kusukela eneminyaka ewu-10. "Kungithinte kakhulu ukubona uTeddy edlula kulesiya simo. Kubuyise imicabango eminingi ebengithi sengadlula kuyo," kusho uNomalizo.
Uma echaza uthi uninalume wakhe wayemdlengulwa nsuku zonke uma ebuya edakiwe. "Ngangisemncane, ngingaqondi ukuthi kwenzakalani kwaze kuba ngiyakhula."
Uthi ukhule azi ukuthi uhlukile kwabanye abafanyana ayekhula nabo.
"Kodwa ngingazi ngizothi yini le engiyizwayo. Ngaze ngafika esikoleni samabanga aphansi." Mayelana nokunukubezwa nguninalume, uNomalizo uthi wawazisa umndeni kodwa wathi lolu daba luzodingidwa njengabantu abadala.
"Umalume akaze aboshwe kodwa wasuswa ukuhlala nathi bamyisa emakhaya. Angiphindanga ngambona." Ebuzwa ukuthi usafisa yini ukuba uninalume ajeziswe ngamanyala awenza kuye, uNomalizo uthe ngeke kusamsiza ngalutho yena. "Kungamsiza ngani? Ngiyethemba wagcina ngami ukudlwengula."
Ugqugquzele intsha ukuba iphumele obala uma ihlukunyezwa ngokocansi.
"Abantu abaningi abazi futhi abakholwa ukuthi bayahlukunyezwa ngokocansi ngabantu besilisa. Ukuphumela kwami obala ukuthi ngifundise futhi ngiqwashise abanye." Mayelana nokushintsha ubulili uthi isinqumo asithatha ngemizwa abeyizwa ngaphakathi.
"Kudala ngangazi ukuthi ngaphakathi ngiwumuntu wesifazane. Ngisakhula ngiseNyuvesi ngiphile njengoweslisa othandana nabanye abanobulili obufuze obami. Ngifuna ukwazi kabanzi ngalokhu engikuzwayo ngaphakathi, ngezwa ngokuthi kukhona abantu abazibiza ngama-transgender. Ngaqala lapho ukuxhumana nodokotela bengqondo maqede ngadla amaphilisi ama-hormone. Sekuyinyanga yami yesine ngikuwo,“ kulandisa uNomalizo.
Le ntokazi ifundisa isiNgisi kwaGrade 10 no11 esikoleni eyaphothula kuso u-matric ngo-2009 i-Old Mill High. uNomalizo waphothula iziqu zeB Ed eNyuvesi iZululand, oNgoye. Ngaphandle kobuthishela, udume njengomphathi wezinhlelo emicimbini ehlukene futhi unesifiso sokuba wumsakazi.