Izindaba

Ushinge waze wachapha noNkulunkulu ngenhlamba

Charles Khuzwayo|Published

GQIZILE

Image: FACEBOOK

ISIHLOKO: Angincethezi

UMCULI: Gqizile

UHLOBO: Maskandi

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

 UGQIZILE KhanyIle wumculi kamaskandi odabuka endaweni yaKwaCholwane, eNkandla. Waqala ukuqapheleka ukuthi unekhono ngesikhathi epikwe wuzakwabo uSaliwa Ndunakazi engomeni ethi Suka Sishimane.

Lo mculi ungishaqisile kule-albhamu ngoba wenze ebengingakulindele neze. Ushinge waze wathela ngisho noNkulunkulu ngothuli. Isihloko se-albhamu sisodwa siyasho ukuthi akahlonizi. Ukuthi ubhonya bani ngayo, nami angazi. Kwethi Mamemeza, ahambisana kuyo noShenge Wasehlalankosi, uyezwa ukuthi zikhala kuNjabulo Langa wodumo lwengoma ethi Ngishile Nje!. Okuxakayo wukuthi kuleli cwecwe upike uyise omncane kaNjabulo, uThokozani Langa engomeni ethi Sizogqiba Amasondo. Nyakenye uGqizile noThokozani bake bangahoshelana kubangwa Ingoma Kazwelonke. Kuyacaca ukuthi sebekhumelene umlotha, okuyinto edinga ukushayelwa ihlombe. Ingoma engishiye ngibambe ongezansi ngethi Winja Nkulunkulu. Umthuka impela uMdali ngoba umsola ngokungamuphi imali. Engomeni ethi Myekeni Angidubule, uGqizile uyashinga. Nakhona akuzwakali ukuthi ugadla bani. Yize zimnandi izingoma eziqukethwe lapha kodwa engihlabe kakhulu umxhwele ngethi Iphupho Lami, apike kuyo uSaliwa. Ngichazwe yisigqi sayo nomyalezo wayo. Ngiyazibona izinsizwa nezintombi zigijima ngenqina emakhaya nasemicimbini.

 Ezinye izingoma ezimnandi ngezithi Mshana Kamalume, Iphupho Lami, Umjolo Umosh'imali, Ngamthola KwiTikTok, Uthando Nemali, Sinenkinga Othandweni, Dear Ex Yami nethi Kugana Othandayo. Abanye abaculi ababoshelwe kuleli cwecwe ngoSaliwa, Gandaganda, Ndoni noNandisa Biyela.Ngamafuphi nje, uGqizile ubhukule kakhulu kule-albhamu. Kufanele ube nayo le-albhamu ngoba iwunqambothi.