Izindaba

UShenge uyinqobile iCovid-19

Boniswa Mohale|Published

UYINQOBILE iCovid-19 uMntwana waKwaPhindangene, inkosi uMangosuthu Buthelezi. Lezi zindaba zimenyezelwe wumndeni wakhe izolo.

UButhelezi wathola ukuthi ungenwe yiCovid-19 ngo-Agasti 8 wase eqala uhlelo lokuhlala ekhaya lapho kuvele ukuthi akakaze abe nezimpawu zabasuke bengenwe yiCovid-19.

Wabuye wenza i-video eqinisekisa abantu ukuthi uphilile, enzela ukwehlisa amaphaphu kwababethukile ukuthi ungenwe yilesi sifo.

Esitatimendeni esikhishwe wumndeni kuthiwa uButhelezi uziqedile izinsuku zokuzivalela ezinqunywe wuhulumeni wase eyohlola ukuthi isekhona yini iCovid-19 egazini lakhe. Imiphumela ibuye ithi ayisekho.

“UMntwana waKwaPhingangene uwumqemane. Sibonga uMdali, siyathokoza nangemiyalezo nokwesekwa esikutholile kwakade bemkhulekela. Namhlanje (izolo) uthole imiphumela yokuthi akasenayo iCovid-19. Imiphumela yakhe iyasikhombisa ukuthi uphile kahle,” kusho abomndeni esitatimendeni.

Bathe bayethemba ukuthi isimo abadlule kusona sizogqugquzela eminye imindeni ebhekene nesimo esifanayo.

Baveze ukuthi ngesonto elizayo bazogubha iminyaka ewu-92 yokuzalwa koMntwana.

Bacele bonke abantu ukuthi baqhubeke nokulandela imigomo yokuphepha ukuze kunqotshwe lesi sifo.