UNDUNANKULU kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi mabaquliswe bahlawuliswe uMntwana uMbonisi nabafowabo ngokwenza ihlambo leSilo Isithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
UNDUNANKULU kaZulu inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi bekufanele baquliswe icala futhi bahlawuliswe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu nabafowabo abathi benze ihlambo leSilo ngoba abanayo imvume.
UShenge ubephendula emuva kwesithangami sabezindaba ebesibizwe wuMntwana uMbonisi nabanye abafowabo ePremiers Hotel, eMhlanga ngoLwesine.
UMntwana uMbonisi nabafowabo bashiye abangalazi kuShenge, bemsola ngokugxambukela nokungena agamanxe ezindabeni zaseNdlunkulu kaZulu.
Umsindo usuke emuva kokuthi uShenge ememezele ukuthi kunehlambo leSilo esikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu, eliqale izolo lasongwa namuhla. UShenge uthe ihlambo lizoholwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UShenge uthi yena umemezele ihlambo ngoba ethunywe yiSilo esibusayo uMisuzulu.
“Ukuthi kukhona ihlambo elenziwe wuMntwana uMbonisi nabafowabo uMntwana uVulindlela noMntwana uMathubesiwe beSilo uBhekuzulu, asikwazi thina lokho. Angikwazi ukuthi izikhali zeSilo sezakhishwa yinduna njengokusho kwabo oMbonisi. Uma bekwenzile lokho kusafanele baquliswe icala,’’ kusho uShenge.
UShenge uthe akasakuthandi ukuqagulisana ngamagama noMntwana uMbonisi kodwa ufisa ukubakhumbuza umlando. Uthe ukhokho wakhe uNgqengelele Buthelezi wayengumeluleki wenkosi uSenzangakhona, omunye ukhokho wakhe uMnyamana wafakwa yinkosi uDingane ebuthweni.
UShenge uthe ukhokho wakhe waba wundunankulu wenkosi uCetshwayo kaMpande empini yaseSandlwana ngo-1879.
UShenge exoxa umlando uthi isikhundla sehle njalo safika nakuyise inkosi uMathole Buthelezi, owaba wundunankulu wesizwe.
“Ubaba uMathole waqokwa ukuba wundunankulu weSilo uSolomon kaDinuzulu ngo1925. Lokho kwalandelwa wukuthi iSilo simganisele udadewabo uMntwana uMagogo, kwase kuzalwa mina. Ngiqokwe yiSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon ngo-1954. Ngasebenza saze sakhothama iSilo futhi ngangiphethe umsebenzi wokutshalwa kwaso,’’ kusho uShenge.
Uthi usebenze kwesikaNdunankulu weSilo uZwelithini kaBhekuzulu iminyaka ecela ku-50 lapho kwaba yijoka lakhe ukwazisa isizwe ngokukhothama kweSilo nokuhlela ukutshalwa kwaso.
Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe konke kuhambe kahle ngehlambo eliqale izolo lapho kuphume inqina iyozingela iholwa yiSilo.
“Lokhu kusho ukuthi usuku lokugcoba iSilo seluseMome ngoba kukhona omunye umcimbi ozolandela oyingxenye yamalungiselelo. Siyajabula kakhulu ukuthi konke kuhambe kahle, kugezwe nezikhali zeSilo esidala, kuzobe sekwemukelwa iSilo esikhona,’’ kuchaza uMntwana uThulani.