OBENGUMENGAMELI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi ukhale ngokwehla kwezinga lezolimo eZululand okwenza imindeni eminingi ibhuqwe yindlala.
Ethula inkulumo yakhe emcimbini obusoKhukho oLundi izolo lapho uMkhandlu waseZululand kade wethula uhlelo lwentuthuko oludidiyelwe ulalela nezikhalo zomphakathi, uButhelezi uthe iqiniso elingephikiswe ukuthi * -40%, womphakathi waseZululand uzabalaza ngobuhlwempu obungachazeki.
“Enye yezimpi esiyiphethe ngezandla zethu ukuntuleka kwamanzi, siyakuqonda sonke ukuthi iZululand ibhekene nesimo sesomiso esingaphezu kwamandla kwabanye bethu abangabalimi, njengami-nje ngiyakwazi ukufakaza ngokulahlekelwa yimfuyo kanye nezitshalo, kuyalimaza ukubona izitshalo zibuna namadlelo emfuyo eqothuka ngenxa yesomiso,” kusho uButhelezi.
Uthe iZululand idinga uR3.8 billion, ukuze ikwazi ukubhekana nesomiso.
Uthe isomiso sinomthelela omubi kubantu.
“Eminyekeni eyishumi eyedlule ngangikhuluma ngomasibambisane nobumqoka kwezolimo kubalimi.” Uthe imizi eminingi eZululand iphethwe ngabesifazane, okwenza ukuthi babe nomthwalo omningi emahlombe abo.
Uthe njengoba abafundi bakwa-matric bebhala ezweni lonke kubalulekile ukuthi kukhiqizwe abafundi abazokwazi ukubamba iqhaza ekufukuleni umnotho wezwe.
“Ngifisa ukuyikhuthaza intsha yaseZululand ukuba ishabashekele imfundo nokuvivinyelwa amakhono,” kusho uButhelezi.
UButhelezi unxuse umphakathi ukuba uzame ukuzisiza ngokwawo ungathembeli kakhulu kuhulumeni.
“Umnotho uyaqhubeka ngokwehlela ezansi, isimo sokungasebenzi siyaqhubeka kanti nezindleko zokuphila ziyaqhubeka nokundlondlobala,” kusho uButhelezi.
Ithula inkulumo yayo, iMeya yoMkhandlu waseZululand uMfundisi Thulasizwe Buthelezi iveze ukuthi basanda kusayina isivumelwano sokusebenzisana nenyuvesi yaKwaZulu-Natal ezobasiza ngokuthi ibaqeqeshele abalimi basesiFundeni sabo.
Uthe abenyuvesi sebefikile kubalimi baseZululand bezohlola ukuthi iziphi izitshalo ezifanele ukutshalwa.