UNDANANKULU kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi uthi akazi lutho ngokugcagcelwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini. UButhelezi uveze lokhu esithangamini nabezindaba ngoLwesibili ntambama lapho eveze ukuthi kasikho isidingo sokuthi iSilo sishadelwe, ukuze sibe sesihlalweni sobukhosi.
Kuleli sonto kusabalale imibiko eqale ngempelasonto ethi iSilo sishadelwe ngeledlule ngoLwesine. Kodwa uButhelezi uthi akazi lutho ngale mibiko.
“Angazi...mhlawumbe ungangitshela wena ukuthi ushadelwe nini, kodwa mina ngokwami kangikwazi lokho,” kuphendula uButhelezi.
UButhelezi uthe akulona isiko lakwaZulu ukuthi inkosi kumele ishadelwe ngaphambi kokungena esihlalweni sobukhosi. Uthe lowo ngumthetho owaqhamuka nohulumeni wobandlululo futhi uma uhulumeni we-ANC nawo uwulandela, uyobe ulandela umkhuba omubi.
Umqulu wamaphepha ezomthetho oseMnyangweni wezaseKhaya, opotshozelwe i-Independent Media eshicilela Isolezwe, uveza ukuthi iSilo nowakwaso babophe elikasofa silahlane ngoLwesine olwedlule.
Kukholakala ukuthi iSilo sahlangana nowakwaso ngo-Agasti 2009, emshadweni kadadewabo, uMntwana Bukhosibemvelo owayegcagca nowayeyisikhulu kwaTransnet, uMnuz Sipho Nyawo, eBotanical Gardens eThekwini.
UButhelezi uthe okwamanje iSilo siseSwatini, siyolanda izinto zaso ngaphambi kokubuya KwaZulu-Natal kodwa ngeke liphele leli sonto singabuyile.