INKOSI yamaNazaretha Ukukhanyakwelanga iyaxolisa ngemashi yamaNazaretha ebiseThekwini ngoLwesibili Isithombe: FACEBOOK
UMHOLI wamaNazaretha osemthethweni emva kokuvunwa yinkantolo iNkosi Phinda Shembe Ukukhanyakwelanga, udumele ngemashi yamalungu aleli bandla ebiseThekwini ngoLwesibili ezwelana noNyazilwezulu.
Ngokusho kokhulumela ibandla, uMnuz Nkululeko Mthethwa, Ukukhanyakwelanga kudlulisa ukuxolisa ngesenzo samaNazaretha esikhombise ukudicilela phansi isithunzi sebandla.
“Inkosi ithe asixolise kubantu baseThekwini abaphazanyiswe yile mashi nasemphakathini wonkana.
Yathi asixolise ngesenzo samalungu ebandla abemasha. Ikholwa alimashi kodwa liyathandaza uma kunezinkinga ezikhona.
Lokhu obekwenziwa abebemasha kungukudicilela phansi isithunzi sebandla njengoba abebekwenza bakwenze egameni lebandla njengoba bebegqoke neminazaretha engcwele.
Bekumele bangayigqoki ngoba abebekwenza kuphambene nemithetho yobunazaretha. Baphinde baphula nemigomo yeCovid-19 evumela ukuhlanganisa abantu abangeqile ku-500 endaweni evulekile njengoba bebeyinqwaba ngalolu hlobo,” kusho uMthethwa.
Imashi ibisuka ngasemganekisweni kaLouis Botha emakethe yaphelela eCity Hall eThekwini.
Okhulumela uNyazilwezulu uMnuz Thokozani Mncwabe uthe amalungu ebandla aye kule mashi ngaphandle kwemvume yobuholi obuphezulu.
“ Uma uyikholwa awumashi kodwa uyathandaza. Abebemasha bebenza ngendlela yabo engagunyaziwe ebandleni. Thina esikunxusayo ukuthula. Uma sidinga ukuthi kubekhona abangenelayo kungaba wuMntwana wakwaPhindangene, iSilo samaZulu nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, okuyibona esikholwa ukuthi bangasiza ukuxazulula izinkinga esibhekene nazo,” kusho uMncwabe.
Kuthiwa kuyiwe kule mashi amalungu ebandla evele ehlukene phakathi njengoba kuvela ukuthi kunabefundisi abangabanga yingxenye yayo kodwa kuyinhlalisuthi ebiphoqa ukuthi ibekhona.
Ngokwamaphepha okususa uNyazilwezulu esihlalweni nejngiba selwachithwa yinkantolo ukuthi lungumholi webandla, uMthethwa uthe kuzocaca kuleli sonto ngawo.