MBALI KHANYILE
SIMUNCU isimo phakathi kwabaholi bamaNazaretha, okuyinkosi uPhinda Shembe Ukukhanyakwelanga, nowaseGinyezinye inkosi Sizwe Shembe Umudliwamafa. Kunezinsolo zokuthi basabisene ngezibhamu eNtabeni eNgcwele, iNhlangakazi.
Kuthiwa umholi waseGinyezinye, uphoqelekile ukuthi ehle entabeni ngoba kuthiwa ubevinjwe ngezinhlokohlela zezibhamu ezinkulu ngamaNazaretha abengafuni afike eduze kuka-Ukukhanyakwelanga. Kuthiwa ujike ngawo uMsombuluko afike, ngawo entabeni ngenxa yesimo ebesingesihle.
Umthombo weSolezwe ngeSonto uthe, abaseGinyezinye nomholi wakhona bakhala ngamaNazaretha aholwa wuKukhanyakwelanga. Uthe bebevumelene ngendawo abebezohlangana kuyona abaholi bese benyuka kanyekanye, beya entabeni engcwele.
“ Umholi wethu uMudliwamafa ufike engasabonwa nangokhalo umholi Ukukhanyakwelanga endaweni obekuvunyelenwe ngayo. Akugcinanga lapho, kuthe uma ekhuphukela entabeni wavinjwa ngamadoda abephethe izibhamu ezinkulu athi ngeke esakwazi ukuyohlangana noKukhanyakwelanga. Kunalokho uvele wakhonjwa esikhotheni okuthiwe kumele ayohlala khona namakholwa akhe. Kuhlule noma esechaza ukuthi unesivumelwano noKuKhanyakwelanga ukuthi bazoba ndawonye entabeni kodwa lezi zinsizwa bezingezwa mshini zimkhomba ehlathini,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe akubanga khona sizathu esizwakalayo sokuthi kungani umholi waseGinyezinye, engasavunyelwe ukuyohlangana noKukhanyakwelanga njengoba bekunesivumelwano sokuthi bazoba ndawonye. Uqhube wathi abaholi bebelokhu bexhumana kungakanyukwa intaba ngezinhlelo zokunyuka kodwa kwashintsha izinto ngomzuzu wokugcina sebekuyona intaba.
UMudliwamafa kuthiwa ugcine ephoqelekile ukuthi acele amakholwa aseGinyezinye, ukuthi anyuke wodwa aye entabeni afike athandaze bese eyabuya baphinda emuva.
Okhulumela abaseGinyezinye, uMnuz Lindinkosi Ngcobo, uthe ngenkathi uMudliwamafa esekhuphukele entabeni, uzamile ukuxhumana nomholi Ukukhanyakwelanga, obengasatholakali ocingweni lakhe. Ube esethatha isinqumo sokuya lapho ebehlezi khona ngenhloso yokuthi balungise izinkinga ezazikhona.
“Kwaqhamuka abalisa ababili ababefake iminazaretha bavimba umholi wethu bebeka izibhamu ezinkulu eduze kwabo, maqede bamtshela ukuthi akukho noyedwa umuntu ovumeleke ukuthi asondele lapho okwakuhlezi khona umholi Ukukhanyakwelanga. Nangempela wajika umholi wethu wasiyalela ukuthi sikhuleke bese siyahamba. Sabona indlela esifike ngayo ngemuva kokukhuleka,” kubeka Ngcobo.
Kuthintwa uMnuz Nkululeko Mthembu, okhulumela Ukukhanyakwelanga, uthe akukho msindo okhona phakathi kwabo nabaseGinyezinye kodwa kube nokungagculiseki kolunye uhlangothi ababezohlanganyela nalo.
“Savumelana ngokuthi sizohlanganyela eNhlangakazi kodwa sangabanesivumelwano sokuthi sizonyuka kanye, kanye. Lokho sasizokwenza ukube sahlangana ngesikhathi esisodwa, eNkwalini. Kodwa sasingeke nhlobo sikwazi ukuthi siqale phansi, silinde abantu ababengakafiki. Ngakho- ke alikho iphutha esilenzile thina njengoba sasivele siyohlangana enkonzweni eyodwa,” kuchaza uMthethwa.
Eqhuba uthe inkosi uPhinda Shembe, yathi uma ifika eNkwalini, yaqhubeka nohambo lwayo ilandelwa ngamanye amakholwa njengoba kwaba namanye asala emuva, elinde umholi waseGinyezinye namakholwa akhe.
Uqhube wathi ukufika kwabaseGinyezinye emkhulekweni ngemuva kwesikhathi kwaba nawo umthelela ekungabonini ngaso linye, phakathi kwezinhlangothi zombili. Uthe kwakungaselula ukuxazulula ababengagculisekile ngakho njengoba inkonzo yayisiqalile.
“AbaseGinyezinye bazithathela bona isinqumo sokushiya inkonzo. Abajikiswanga ngumuntu. Sinayo inkampani eqapha amakholwa uma kunezinkonzo ezifana nale kodwa akukho noyedwa owakhipha isibhamu noma owasabisa umholi wohlangothi olukhonondayo,” usho kanje.