SEKUNGENELELE uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, odabeni lukathishanhloko wesikole samabanga aphezulu KwaNongoma, okusolwa umyeni wakhe ngokumshaya kusale umndondo.
Kusolwa umona kulo myeni okuthiwa ungusomabhizinisi odumile KwaNongoma, okuthiwa akakujabulelanga ukuqokwa komkakhe esikhundleni sokuba nguthishanhloko.
Umgilwa oneminyaka engu-37 igama lakhe eligodliwe, usesimeni esibucayi esibhedlela emuva kwalesi sigameko esenzeke ngeSonto.
Ayikho indawo angalimele kuyo emzimbeni. Kuthiwa ubebhaxwa ngenduku yokungcweka ebizwa ngodonkana, eyisagila ngaphambili.
Umgilwa uthe selokhu abanjiswa isikhundla sokuba nguthishanhloko ngo-Agasti wonyaka odlule, akukaze kube mnandi ekhaya.
Yize ethe umyeni ubevele emhlukumeza ngokumshaya, uthe kube mandla emuva kwesikhundla emsebenzini.
“Walibeka ngebamba elokuthi ngeke ngisithole isikhundla sokuba uthishanhloko. Ubehlala engikhumbuza ukuthi ngiyibamba kuphela angiyena uthishanhloko. Ngisho sengimkhombisa incwadi yokuqashwa ngokugcwele kulesi sikhundla akajabulanga futhi wangangibongela,” echaza.
AKUKHO lapho engalimele khona uthishanhloko waKwaNongoma, okusolwa umyeni wakhe ngokumshaya kusale umndondo. Isithombe: SITHUNYELWE
Uthe akukho okutheni abebekubanga okwenze amshaye ngeSonto. Uthe yize ekujwayele ukushaywa kodwa ubeqala ukushaywa ngale ndlela. Utshele Isolezwe ukuthi waphunyuka ngoba umyeni ethi kukhona ayokulanda uzobuya amqedele.
“Indlu esihlala kuyo iyisitezi. Ngaphuma ngama onqenqemeni ngagxumela phansi. Ngiphuke umlenze owodwa omunye wanyela. Ngithathwe uyena wangishiya esibhedlela,” kusho umgilwa.
Uthe akaze alivule icala ngoba ubesaba. Uthe umyeni wakhe ubexolisa, aphinde amshaye.
Umfowabo kathishanhloko naye ongeke adalulwe, uthe bacasulwa ukuthi umsolwa akaze ababikele ukuthi udadewabo usesibhedlela. Uthe bashayelwa ucingo ngumhlengikazi ecelwe nguyena udadewabo.
“Angazi sesihlangane kangaki nomndeni kukhulunywa udaba lukadadewethu nokuhlukunyezwa. Ushaywa nje ubevele eneminye imivimbo emisha emzimbeni. Uke washaywa ehlathini walekelelwa abantu kwabizwa amaphoyisa. Bekungelula ukuthi sihambe phambili ezindabeni zabo ngoba udadewethu ubengakathandi ukuvula icala,” kusho yena.
Ukuqinisekisile ukuthi umlamu wakhe ubenesikhwele, ikakhulukazi emuva kokuthi udadewabo enyuselwe isikhundla emsebenzini.
IMIVIMBO nezibazi zokushaywa kuthishanhloko waKwaNongoma okusolwa ukuthi ulinyazwe ngumyeni wakhe. Isithombe: SITHUNYELWE
Esitatimendeni esithunyelelwe Isolezwe, ungqongqoshe uthe sebethumele osonhlalakahle abazosiza umgilwa, kwelulekwe nezingane zakhe.
Uthe bazosebenzisana nabanye ongqongqoshe ukuqinisekisa ukuthi umsolwa uyajeza.
Ngesikhathi sokuloba, umfowabo kathishanhloko uthe bahambise incwadi esibhedlela okumele igcwaliswe wudokotela bese kuvulwa icala.
Uthe izingane ezintathu zikumsolwa njengoba bengakaze baxhumane naye.