UThabiso Scebi Nene ugwetshwe iminyaka emihlanu ngezithombe zobunqunu bukamengameli.
Image: Sigciniwe
Imkantolo yeSifunda eMgungundlovu igwebe uScebi Nene (36) iminyaka ewu-5 ejele emuva kokuvuma icala ngaphansi kuka Section 105 Plea and Sentence Agreement, lokudidiyela, ukusabalalisa nokukhombisa ngezithombe zocansi.
Phakathi kukaSeptember 2022 noMeyi 2023 uNene wacaphuna izithombe zikaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uMnuz Bheki Cele owayewuNgqongqoshe wamaPhoyisa noMnuz Khehla Sithole owayeMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke.
UNene waphinda wacaphuna izithombe zocansi wazixuba nezabamangali nokwadala umcabango wokuthi yizithombe zabamngali zangempela. UNene wasabalalsa lezi zithombe kwabanye abantu.
UNene egonyuluka evuma icala uthe wayesebenzela i-Coca-cola phakathi kuka-2018 no-2019. Uthe wasola ukuthi kwakunabantu ababemlandela wabika udaba emaphoyiseni. Uthe amaphoyisa amtshela ukuthi akabheke uma lokhu kuphinde kwenzeka futhi abuyele kuwona ayobika.
UNene uthe waphinda waqaphela ukuthi wayelandelwa waphindela wayobika emaphoyiseni eziteshini ezimbili bamchitha. Uthe wazama ukubikela I-Independent Police Investigative Directorate (IPID) nawu Directorate for Priority Crime Investigation (HAWKS) Klebe, kodwa akekho owamnaka. Uthe wazama ukuthinta ihhovisi likaCele owayenguNqgongqoshe kodwa akaze asizakale.
Uthe kulapho anquma khona ukucaphuna izithombe enze sengathi ezabamangali. Uvumile nokuthi akagcinanga lapho kodwa wazisabalalisa lezi zithombe. Uthe uyazisola futhi ngeke aphinde enze lokhu ngelinye ilanga.
UNene ugwetshwe iminyaka ewu-5 ejele ngecala lokudidiyela izithombe. Amacala okusabalalisa nokubukisa ngezithombe athathwe ahlanganiswa wase egwetshwa iminyaka emithathu kuwona. Inkantolo inqume ukuthi izigwebo azidonse kanyekanye nokusho ukuthi uzodonsa iminyaka ewu-5.