ANGASE awudlele ezitokisini uKhisimusi amadoda amabili asolwa ngokuphihliza ngesagila umlisa emsola ngokweba ubhiya, emcimbini obuseMvoveni, KwaNongoma, ngeledlule.
UMnuz Manqoba Nkosi (25) noZwelihle Zulu (32) bavele eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma, icala labo lahlehlela uLwesibili.
Umthombo olwazi kahle lolu daba, uthe umufi uMnuz Bheki Mbatha ubesemcimbini kwamakhelwane ngesikhathi esolwa ngokweba ubhiya emotweni yabasolwa.
Umthombo uthi abasolwa bebekhala ngokuthi sebezobulawa ukoma manje ngoba sekunyamalale ubhiya wabo. Kuthiwa abasolwa baze kuye bengasabambeki bamphosa imibuzo, wawuphika ubhiya, saqhuma isagila ekhanda.
Kwale ngisho eseshweleza ethi akawazi ubhiya ayilungiswe kahle indaba kodwa abalisa besagila bathi ayikho into abazoyizwa ngaphandle kokuthi akhiphe ubhiya wabo.
Bathe bayalekelela abafowabo kwanhlanga zimuka nomoya, sasha isagila waze wawa umsolwa. Kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibi wafike waphelela khona. Kuthiwa omunye umsolwa ubone ukuthi umufi ulimele kakhulu wagcwala amathafa kodwa wagcina ebanjiwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLiutenant Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe amadoda amabili ngecala lokubulala umuntu.