UGAYWE yisitimela wasala eyizicucu umlisa okuthiwa ubexinwe yisisu esihlambulukile.
Kuthiwa simgaye ngesikhathi ephuthuma ukuyozikhulula ehlathini elingaphesheya kukajantshi phakathi nesonto.
UMnuz Mzamo Ngubane (37) waseNhlungwane,
oLundi, kuthiwa wehlelwe yile ngozi kujantshi ngaseMbhoshongweni.
Uyise omncane kamufi uMnuz Sibusiso Nyawuza uthe indodana yakhe ibixinwe yisisu yaphelelwa amandla phakathi nojantshi kanti kuzoqhamuka isitimela.
“Akuqondakali kahle ukuthi kwenzekeni kodwa intombazane egcine ukumbona ithi ubevele ekhala ngesisu.
“Kungenzeka ukuthi ubeyozikhulula ehlathini, waphelelwa amandla esephakathi nojantshi kanti isitimela sesiseduze,” kusho uNyawuza.
Uqhube wathi indawo abehlala kuyo umufi yakhelene nojantshi futhi kujwayelekile ukuthi abantu bawele bayozikhulula ehlathini elingaphesheya kukajantshi.
Nakuba esho kanje uyise omncane kodwa umthombo uthi umufi uziphonse esitimeleni ngenhloso yokuzibulala.
UNyawuza uthe: “Angisiboni isizathu ebesingamenza azibulale, ubengakaze abike lutho nje."
Uthe ayikho into abasazoyisho, sebelungiselela ukumngcwaba umufi.
Umthombo uthe: “Umshayeli wesitimela uthi ubone indoda ingena phambi kwesitimela ngamabomu kwasho ukuthi asikwazi ukusheshe sime, samshaya wasala eyizicucu waphelela khona lapho."
Umthombo uthe kule ndawo obekuwela kuyona umufi ayikho indawo yokuwela egunyaziwe.