MBALI KHANYILE
UPHENDUKE izicucu washonela endaweni yesigameko umfana oneminyaka emibili waseMatikwe, eNanda, emuva kokushayiswa yiloli ebihamba emgwaqweni, uCurnick Ndlovu Highway izolo ekuseni.
Isililo besisho phezulu komakhelwane abazibonele kwenzeka le ngozi ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni yesigameko. Amaphoyisa asesiteshini esiseMtshebheni, eNanda, abematasa ethatha izitatimende. Isidumbu sikaNelihle Dlomo besihlukene, isifuba, ikhanda nezingalo kungaphansi kweloli. Isingezansi besiyizicubu ezisaphazeke emgwaqweni phezu kwegazi.
Amanye amalungu omphakathi abeme izixongololo ezwakala engxoxweni ukuthi asamangele ngengozi enyantisayo eyehlele umndeni kamufi. Uyise kamufi obesendaweni yesigameko ubeme ndawonye enganyakazi, ebonakala ukuthi usaphithene. Kuthe intatheli izama ukukhuluma naye, wayitshela ukuthi uzohluleka ukuchaza.
Umkhulu kamufi, uMnuz Somasaka Dlomo obesendaweni yesigameko esashaqekile, uthe ufike sekonakele emuva kokwaziswa ngomakhelwane ngesehlo.
“Uyise obonile ngoba ingane ibihamba naye. Ngifike izimbambo zengane zigayekile njengoba ubona nje. Ngase ngimbuza umshayeli ukuthi kwenzekeni wathi ubone ingane isisemgwaqweni,” kuchaza uDlomo.
Eqhuba uthe indodana yakhe ibiyolanda izimpahla zomzukulu ebeziphathiswe ngunina wakhe etekisini ngesikhathi kwehla isigameko. Umshayeli weloli obexinwe yizingcingo esalinde amaphoyisa aqede, utshele intatheli ukuthi ubelibangise eTafuleni, eyoshiya inhlabathi njengoba kulungiswa umgwaqo wakule ndawo.
“Bengihamba ngesivinini obekumele ngihambe ngaso u-60 km/h kungekho moto ebihamba phambi kwami. Ngithe ngisondela eduze kwetekisi ebimi ngakwesokudla kuwo lo mgwaqo ebengihamba ngawo nebengiyophambana nayo, kwathushuka ingane igijima kanti sengiseduze ngeloli,” kuchaza umshayeli.
Uthe ezama ukubamba amabhuleki kwaba wukuthi sekukude ukugwema ingozi ngoba umufi ubesephonsekile elolini, wagaywa ngamasondo alo, washonela khona lapho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uColonel Thembeka Mbele uqinisekisile ukuthi kufe umfana oneminyaka emibili obehamba noyise eMatikwe.
“Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso. Amaphoyisa aseNanda ayaphenya ngesigameko,” kubeka uCol Mbele.