OWESIFAZANE (47) ushayiswe yibhasi wafa ezama ukuwela umgwaqo uMngeni eThekwini, izolo ekuseni.
Kuthiwa ubenganakile ewela umgwaqo ngesikhathi kuqhamuka ibhasi yaseKZN Metro Bus yamshayisa. Ufele khona lapho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.
“Amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokubulala ngokungenhloso. Ngokophenyo olusenziwe ngabo-7 ekuseni, owesifazane oneminyaka engu-47 ushayiswe yibhasi ezama ukuwela umgwaqo eMngeni ngasesiteshini sesitimela,” kusho uCapt Gwala.
Kuthiwa ingozi iholele ekuthini kube nesiminyaminya sezimoto emgwaqweni kusalindwe imoto yezidumbu.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele izolo njengoba bekusalindwe abomndeni wakhe ukuba bezokhomba isidumbu ngokusemthethweni.