I-SCREENSHOT okuthiwa esenkulumo ebiphakathi kukamufi nomphathi wakhe
Image: PHILA MTHEMBU DUMA FACEBOOK
KUVELE izinsolo zokuhlukunyezwa kodokotela abangamathwasa esibhedlela saseMlaza, iPrince Mshiyeni Memorial, kushona oyedwa esemsebenzini ngoMsombuluko.
Kuthiwa udokotela osemncane, igama lakhe eligodliwe, okuvela ukuthi ungowokudabuka e-Eastern Cape, ushayeke phansi washona ngesikhathi esebenza ezihudula nge-shift yakhe.
Ngokwesitatimende esizungeza ezinkundleni zokuxhumana, kuvela ukuthi umufi ubekubikile ukungaphili, kodwa umphathi wakhe wamphoqa ukuthi eze emsebenzini.
Lesi sitatimende siphelezelwa nayi-screenshot senkulumo okuthiwa ibiphakathi kukadokotela, lapho ebebika khona ukuthi uzizwa engaphilile.
“Ngiyabingelela Dkt, Angizizwa kahle namuhla. Ngiyaxolisa ukuba yimbangela yokuthikamezeka kwethimba,” kusho umufi.
UDkt obebikelwa uphendule wathi: “Ngiyabingelela. Ngicela ubheke umyalezo e-groupini. Ngilindele ukuthi uze emsebenzini.”
Ngokwalesi sitatimende, odokotela abafundayo nonina kamufi banethemba lokuthi uzothathelwa izinyathelo ezinqala umphathi wakhe ngesehlakalo.
Siveza ukuthi umufi ubegula, futhi kucacela nanoma ngubani ukuthi akaphilile, kodwa waphoqwa wumphathi wakhe ukuthi eze emsebenzini.
“Umufi ubesanda kuthola ukuthi unesifo sikashukela. Esikhathini esingangeviki esedlule ubebonakala ukuthi ugula impela. Uke wawa kabili esemsebenzini, waze wathatha ikhefu lokugula, ngethemba lokuthi uzolulama,” kusho isitatimende.
Siveza ukuthi ngesikhathi esekhefini lokugula, abuzange bubekhona ubungcono.
“Kuthiwa usatshiswe wumphathi wakhe othe akabuye eze emsebenzini yize ebecela ukwelulelwa isikhathi esekhaya ngoba ubebona ukuthi isimo sempilo yakhe besiya ngokuya siba sibi,” kusho isitatimende.
Siveza ukuthi ngosuku ashone ngalo bekucacela noma ubani ukuthi akakwazi ukumelana nomsebenzi, esimweni abeyiso, waphetha ngokuwa, ashone.
“Odokotela abasafunda nezinye izisebenzi zezempilo zithwele kanzima kulesi sibhedlela ngenxa yokuhlukunyezwa abaphathi nsuku zonke,” kusho isitatimende.
Kuvele ukuthi umufi bekufanele angeniswe esibhedlela (ayolaliswa) ngosuku aphoqwe ukuthi aye ngalo emsebenzini, kanti uzoshona.
Ngaphezu kwalezi zinsolo, kuqubuke nezinye zokucwasa ngokwebala, okuthiwa abaphathi abathathu bacwasa abasebenzi bebala elimnyana.
Kuthiwa abasebenzi banqatshelwa ngisho ukuthatha ikhefu uma beshonelwe abathandiweyo babo.
Okhulumela iPublic Servants Association (PSA) KwaZulu-Natal uMnuz Mlungisi Ndlovu, uthe sibaphathe kabi le sehlakalo.
“Ukwenzeka kwesehlakalo kuwubufakazi balokhu ebesihlale sikusho ukuthi abasebenzi basebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi eMshiyeni. Kade sasikubika emnyangweni ukuthi kunokuxhashazwa kwamandla kulabo abasezikhundleni kulesi sibhedlela,” kusho uNdlovu.
Uthe beyiPSA bake babhikisha, bahambisa uhla lwezikhalo ngokuhlukunyezwa kwabasebenzi kulesi sibhedlela kodwa alukho uphenyo noma izinyathelo umnyango oke wazithatha ngalolu daba.
Ulimise ngesihloko elokuthi sekunesikhathi umnyango uvikela omunye wabaphathi okwaziwayo ukuthi uyahlukumeza.
“Sasixwayisile ngokuthi kungenzeka kuphume isidumbu ngenxa yalokhu, nebala sekugcine kwenzekile,” kusho uNdlovu.
Siye koshicilela uMnyango wezeMpilo ungakaphawuli ngalesi sehlakalo.
Related Topics: