ISHAYE yachitha indoda nebhokisi okufakwa kulo amaphepha ezicelo zomsebenzi kuMasipala waseNewcastle izolo ekuseni.
Umkhandlu uyatwetwa ngoba usaba ukuthi kungenzeka indoda isebenzise imininingwane esezicelweni zomsebenzi ukuqola abantu.
Umphathi kwezokuxhumana emkhandlwini, uMnuz Mlungisi Khumalo, uthe bekusekuseni ngo-10.30 kungena indoda lapho kwamukelwa khona izivakashi emkhandlwini.
UKhumalo uthe onogada bebengekho ngoba kusekhona okuphuthumayo abebesakulungisa.
“Isebenzise lesi sikhathi le ndoda yashaya yachitha naleli bhokisisi. Sifuna umphakahi uqaphele futhi ubike abantu abazofona befuna inkokhelo bethembisa ngomsebenzi emkhandlwini waseNewcastle,” kusho uKhumalo.
Indoda iqoshwe ngamakhamera kamasipala ebonakala kuwona iphuma iphethe ibhokisi.
Ibifake isigqoko esimhlophe, isifonyo esiphuzi, ijezi elimpunga, ibhulukwe eliluhlaza okwesibhakabhaka namateku amnyama.
UKhumalo unxuse umphakathi ukuthi ulekelele ekuyitholeni.
“Akucaci ukuthi isebenza yodwa noma inabasizi. Umkhandlu usola ukuthi ihlose ukuqola abantu abafake izicelo zomsebeni imali ngokubathembisa umsebenzi.”
Unxuse amalungu omphakathi angase abe nolwazi ukuthi athinte umasipala noma amaphoyisa aseduze.
UKhumalo uthe benza uphenyo lwangaphakathi oluzocacisa ukuthi kwenzeke kanjani ekutheni iphume nebhokisi.
Unxuse amaphoyisa ukuthi ayibambe ngokushesha.
UKhumalo ubuye washaya ungqimphothwe efonela intatheli ethi usethole kahle ngalolu daba ukuthi ibhokisi elithathiwe belingenalutho.
Uthe bekusesekuseni engekho umuntu obesafake isicelo somsebenzi.