ATHOLAKALE namhlanje ekuseni esethule amabhungu amabili asendaweni yaseMfekayi, eMtubatuba, amukiswe wumfula iNyalazi izolo ngezithuba zabo-3 ntambama. Izidumbu zikaMnuz Zamani Mthembu (27) no-Asanda Nene (16) zitatululwe ngamaphoyisa esiteshi saseMpangeni namhlanje ekuseni.
Uyise ka-Asanda, uMnuz Zenzele Nene (44) uthe indodana yakhe nabangani bayo ababili, okubalwa kubo nosindile, uSiphamandla Ndabandaba (17) bebephuma ukuyozingela izinyosi ngaphesheya kweNyalazi.
"Besaya khona bawele ebhrijini. Bathe uma sebebuya bafuna ukuwela emfuleni. Kuqale uSiphamandla ngoba yena uyakwazi ukubhukuda. Uqale ngokuhambisa izimpahla zabo zokugqoka namabhakede. Ube esebuya ezohlangabeza abangani bakhe, kuhamba phambili u-Asanda. USiphamandla uzamile ukumsiza ngoba embona esemncane kodwa bathe uma befika ngalapho kuthanda ukushona khona kakhulu ngasonqenqemeni lomfula, wagcina ehlulekile ukumbamba ngenxa yokuthi naye ubesekhathele."
UNene uthe sebeqala ukushaya amakhala ngalo mfula ngoba seziningi izidumbu zabafana osuzithathile. Lezi yizidumbu zesithathu kulo nyaka njengoba ekuqaleni konyaka umukise umfana wakwaSibiya (16). Nangonyaka owedlule wathatha izingane zakwaGumbi. Uthe unyaka nonyaka kuphuma izidumbu ezimbili noma ezintathu kulo mfula.
USotswebhu kuMasipala waseMtubatuba futhi oyikhansela ku-ward 10 no11, uMnuz Zakhele Nyawo, ubezifikele mathupha endaweni yesigameko. Uthe yize engafuni ukukhuluma kakhulu ngezinkololoze abazikhulumayo njengomphakathi kodwa naye unokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi kulo mfula. "Ngeke ngithi kunesilwane noma kunenyoka ngoba anginabo ubufakazi. Okubuhlungu ukuthi ziningi izinto osiza ngazo lomfula emphakathini. Abanye bachelela ngawo kanti abanye badoba kuwo," kuphetha uNyawo.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko. "Amaphoyisa aKwaMsane avule idokodo ngenhloso yokuphenya. Kusolwa ukuthi ngezithuba zabo3.30 ntambama, kunamadoda amathathu awele umfula Inyalazi, KwaMsane. Amabili, aneminyaka engu16 no27 agwilizile ngesikhathi ezama ukuwela.
Izidumbu zawo zivumbululwe ngamaphoyisa aseMpangeni ophiko lwe-Search and Rescue. Imbangela ngalesi sehlakalo isaphenywa," kuphetha uCaptain Gwala.