USASHAQEKILE umndeni womfanyana okukhishwe isidumbu sakhe emfuleni eZimbokodweni, oCheni, eFolweni, ngoLwesihlanu.
UKhulekani Mthembu (9) uminze kulo mfula ngoLwesine ntambama. Ubehamba nomngani wakhe acishe alingane naye ngesikhathi emuka namanzi.
Ngokusho kukayise, uMnuz Dumisani Gwamanda (45), ngosuku lwesigameko (NgoLwesine), uKhulekani wayehambe nomngani wakhe baya emfuleni beyobhukuda.
Uthe bathe uma befika khona babona isihlahla sezindoni ngaphesheya, maqede bawela beyobheka izindoni esihlahleni.
“Uma esechaza umngani kaKhulekani, uthi bathi uma befika eduze kwesihlahla baqaphela ukuthi asinazindoni ngakho bavumelana ukuthi abaphinde emumva ngaphesheya komfula,” kusho uGwamanda.
Uthe umngani kaKhulekani ubatshele ukuthi ngesikhathi sebebuyela emumva, uKhulekani wakhomba indawo ebukeka inamanzi wathi yena uzobhukuda kuyona aze ayofika ngaphesheya.
“Uthi umngani wakhe wazama ukumkhuza ukuthi asikho isidingo sokuthi angene kuleyo ndawo enamanzi amaningi nengenawo amatshe okubambelela. Wathi ngoba ikhona eyayinamanzi amancane futhi inawo amatshe okubambelela kodwa uthi uKhulekani waphikelela, ethi yena uyakwazi ukubhukuda,” kusho uGwamanda.
Uthe umngani kaKhulekani ubatshele ukuthi wathi esephakathi nakho ukubhukuda, wambona esevela ngezingalo.
Uthe nezinye izingane ezazibhukuda kude buduze nalapho agwiliza khona uKhulekani, nazo zambona eminza, zaphuma zeza ekhaya zizosho ukuthi useminzile.
Uthe banikela khona emfuleni bafike bazama nabo ukungena bambheke kodwa abangamthola. Babe sebebiza abatshuzi ukuthi nabo bazobheka kodwa umsebenzi wokuthola isidumbu sakhe waze wenzeka ngoLwesihlanu.
“Ngibuhlungu kakhulu ngendodana yami. Yona ibikwazi ukubhukuda kodwa ngiyasola ukuthi yangena endaweni eshonayo kanti namanzi eza ngolaka, kwaba ukuhamba kwayo ke,” kusho uGwamanda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseFolweni aphenya idokodo lokufa komuntu.
“Amaphoyisa asebenza ngaphansi kophiko, iSearch and Rescue, abizelwe Ezimbokodweni emva kokugwiliza komuntu. Athe uma efika endaweni yesigameko, afike atakula umfana oneminyaka ewu-9. Imbangela eholele ekutheni aminze isaphenywa,” kusho uLt Col Gwala.