NKOSIKHONA CELE
ZIWUME emthumeni kowesilisa waseMgungundlovu kushona ingoduso yakhe abelungiselela ukuyishada ngoDisemba nonyaka. Kuvela ukuthi ibisishade nomunye umuntu wesifazane.
UMnuz Bafana Ndawonde, uthi namanje uzibuza uyaziphendula ukuthi kwenzakaleni kuNksz Philisiwe Langa, njengoba sekuvela ukuthi ubeshade nomngani wakhe wesifazane uNksz Slindile Hlophe, abasebenza naye bengamaphoyisa esiteshini kwaGG, eMlaza eningizimu yeTheku.
Kuwona lowo mnyama, uNdawonde uthi ugqemeke engeqiwa ntwala ethola ukuthi ingoduso yakhe idlule emhlabeni engakazitholi izimpendulo.
“Ngikhuluma nawe nje ikhanda liyazula. Kungathi ngilele ngiyaphupha mhlawumbe kukhona osazongivusa. Bengazi ukuthi uPhilisiwe (uNksz Langa) sizoshada naye. Lokhu osekuvela okokuthi ubeseshade nomngane wakhe wesifazane, impela kuyangixaka,” kusho uNdawonde.
Echaza uthi ufisa sengathi uNksz Langa angavuka, ukuze athole kahle kuyena umnyombo wale nkilayitheka amshiye nayo.
Utshele Isolezwe ngoMgqibelo ukuthi benoNksz Langa baqala ukujola besafunda ndawonye esikoleni. Uthi babuye bahlukana, lokho kwenza ukuthi ingoduso yakhe ishade noMnuz Njabulo Mthethwa, osashona.
“Ngemuva kokuba eseshonile uMthethwa sibe sesivumelana ngokuthi sibuyelane. Savumelana ngokuthi sishade ngoDisemba,’’ usho kanje.
UNdawonde ubalisa kanjena nje, Isolezwe ngoMgqibelo linekhophi yencwadi yomshado ewubufakazi bokuthi ngempela ingoduso yakhe ibisibophe elikasofa silahlane nomngane wayo, uNksz Hlophe.
Incwadi iphume ngo-Agasti 30, 2021 lokhu kuyindida kuNdawonde. “Kwenzeka kanjani ukuthi incwadi iphume ngo-Agasti ekubeni uPhilisiwe ubesekwikhoma esibhedlela eNtabeni,’’ kubuza uNdawonde, ngokukhulu ukudideka.
Unezele ngokuthi okumxakayo wukuthi intombi yakhe iqale yaxinwa ukugula sebebuya eGoli, ukuyothenga unyanyavu lwemoto iBMW, okuyimanje athi akayazi ukuthi inyamalale yashona kuphi.
Akusiyena uNdawonde kuphela oshaya amakhala ngalo mshado, namalungu omndeni kaNksz Langa athi kukhona okushaya amanzi ngoba indodakazi yawo ayisoze yathandana nomuntu wesifazane.
“Hhayi ngeke ikhona into lo wesifazane amenze yona udadewethu. Akukwazi ukuthi angamane avume ukushada nomunye umuntu wesifazane,’’ kubalisa ilungu lomndeni wakwaLanga.
AbakwaLanga bathi baziswe nguyena lo wesifazane ukuthi ubethandana nomufi futhi wabakhombisa nencwadi yomshado ehlanganisa amafa.
“Thina besazi ukuthi bangabangani, lokhu asekusho kuyasixaka. Besazi ukuthi udadewetu washada nendoda yakwaMthethwa eseyashona,’’ kuchaza udadewabo kamufi uNksz Nonhlanhla Langa.
Isolezwe ngoMgqibelo limshayele ucingo uNksz Hlophe limbuza ’ngomshado’’ wabo nomngane wakhe. Uqale watshela intatheli ukuthi uxinekile naye ulele esibhedlela eNtabeni, lapho okushonele khona uNksz Langa.
Wathi yena noNksz Langa bashadile futhi akukho okuzoshintsha. UNksz Hlophe ulimise ngesihloko elokuthi umshado wabo uhlanganisa amafa, wathi uma sekuphume incwadi yefa, uzolandela okulotshwe kuyona.
Uthe bashade emahhovisi ezaseKhaya eThekwini, ngoJulayi uNksz Langa engakaguli. Usuku lomhlaka-30 Agasti, olusencwadini wusuku okwaphuma ngalo incwadi. Unxuse uNdawonde ukuthi apholise inhliziyo, akhohlwe yindaba kaNksz Langa.
“UBafana akamukele isimo sinjengoba sinjalo. Akahambe ayolobola enye intombi,’’usho kanje. Imoto okukhalwa ngayo, uthe uyayazi ukuthi ikuphi.
Uqweqwe lommeli u-Advocate Nkosi Nkosi, luthe lolu udaba lubucayi ikakhulu uma kuwukuthi incwadi yenziwe esekwikhoma, lo oshadile. Unxuse umndeni wakhe ukuba axhumane naye ukuze athole kahle imininingwane ngalolu daba.