KUBOSHWE indoda eneminyaka engu-34, eThembalihle eMgungundlovu etholwe no-R800 000 womgunyathi endlini yayo.
Le ndoda iboshwe ngoMgqibelo amaphoyisa aseMountain Rise kwashaqwa nemali yomgunyathi.
Kuthiwa endlini yayo kutholakale nethelevishini okusolwa ukuthi ngeyokwebiwa.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo ongashayi eceleni, umlisa ubengungqondongqondo ekuzakheleni imali, ebukeka sengathi eyangempela. Imali kuthiwa uma unganakile ungaze uzitshele ukuthi eyangempela ngenxa yendlela eyakhiwe ngayo.
Kuthiwa umsolwa ubezama “ukuyidayisela” abantu ukuze ebezothola eyangempela.
Kuthiwa ubethenga nezimpahla ezintshontshiwe ngayo bese ezidayisela impahla ukuze enze inzuzo athole nemali yangempela.
Ngesikhathi amaphoyisa egasela endlini yomsolwa kuthiwa imali ibitakiwe, ifihliwe ezindaweni ezehlukene khona endlini yakhe.
Kuthiwa ezinye zezinto ezibambise umsolwa wukuthi imali ubeseyidayisela abantu.
Ngokuthola kweSolezwe ubeke akunikeze uR100 bese ethi ungamnikeza uR50 wakho.
Ngale ndlela ubekwazi ukushintsha imali engumbombayi bese ethola eyangempela.
“Abantu bese beyithenga le mali yakhe bengazi ukuthi ingumbombayi. Umuntu ubejabulela ukuthi uthole uR100 ngokumnikeza uR50. Le mali kusolwa nokuthi ubeqola nangayo abantu, enze sengathi angabacebisa ngensavunsavu yemali kanti ukhuluma ngombombayi,” kusho umthombo ocele ukungadalulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshwe nemali engumbombayi enguR800 000.
“Amaphoyisa aseMountain Rise kade ephenya ngoMgqibelo. Athole umkhondo ngendlu eseThembalihle obekuthiwa igcwele imali engumbombayi. Anikele khona amaphoyisa afica umsolwa enemali enguR800 000 engumbombayi. Kutholwe nethelevishini okusolwa ukuthi intshontshiwe. Umsolwa ubhekene necala lokukhwabanisa. Uzovela enkantolo yaseMgungudlovu kusasa (namhlanje) ukuze abhekane necala. Izishaqane zemali engumbombayi zishaqwe amaphoyisa ukuze iyiswe kohlolwa,” kusho uZwane.