OWESIFAZANE obedoja umsebenzi ayokwenza owakhe eceleni useyinxusa lezokuvakasha KwaZulu-Natal.
UNksz Nomonde Ngcamu (37), ongumnikazi weRoyal Siyavaya Tours, ukubeke kwacaca ukuthi kwamhlula ukusebenza ngoba wayengafuni ukuphathwa.
Lokhu kwamenza waxoshwa emsebenzini kodwa akazisoli ngakho ngoba ukwazile ukuzimela ebhizinisini. Ibhizinisi lakhe belaziwa ngeBayede Nongoma Siyavaya Tours phambilini, ligxile ekuqhakambiseni izigodlo zaseNdlunkulu.
“Ngazalelwa ePort Shepstone, ubaba engusomabhizinisi, umama engumlimi. Ngicabanga ukuthi ngaluncela lapho uthando lwebhizinisi. Ngesikhathi ngiqala ibhizinisi bengigxile ekuheheni izivakashi ukuthi zivakashele izigodlo eziyisithupha eNdlunkulu. Uma kunemicimbi eNdlunkulu, njengoMkhosi woMhlanga bengisebenza kakhulu.”
Ngenxa yokukhula kwebhizinisi lokuthutha, uNksz Ngcamu ugcine engena naseKing Shaka esikhumulweni sezindiza, eMlalazi naseKing Cetshwayo, okuyizindawo ezinomlando ngobukhosi bakwaZulu. Usethutha zonke izivakashi nezifuna ukubona ulwandle nobuhle beKwaZulu-Natal.
“Senginehhovisi ePitoli, eSingapore, eCape Town, eVictoria Falls (Zimbabwe) naseduze kwesigodlo samaNgisi.”
Uthe njengoba eseyinxusa kwezokuvakasha ufuna abantu bazi ngazo zonke izindawo. Ibhizinisi walethula ngo-2015 esigodlweni oSuthu. Ukudlondlobala kwakhe kwezokuvakasha kwenze ukuthi afakwe nasezinhlelweni zokuvakasha kuzwelonke. Uke waqeqeshwa ohlelweni lokuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane lweTourism KZN.
Uzoba yingxenye yabazokhangisa ngamabhizinisi kwi-Africa Tourism Indaba, eqala ngoMeyi 2 eThekwini. Usengene nasebhizinisini lezindawo zokulala, okubalwa iGame Ranch oPhongolo neThe Royal Touch Guest House ePitoli.
Ukungena kwakhe emabhizinisini kuvule amathuba omsebenzi njengoba enabasebenzi abangu-11 abaqashwe ngokugcwele.
Kukhona nabangu-23 abayitoho, ababizwa uma kunomsebenzi omningi.
Uthe amakhasimende akhe amaningi yizivakashi ezifuna ukuzobona isifundazwe.
UNksz Ngcamu ubuye abe nebhizinisi lezokwakha, elokuhlela imicimbi, nelokupheka. Usebenzisana nabesifazane abenza ubuhlalu KwaNongoma, abasiza ukuthi badayisele izivakashi.
Naye uthe uyaziqhenya ngemvunulo njengoba isikhathi esiningi ehloba ngobuhlalu.
UNksz Ngcamu uke wasebenza nenkampani kaMbongeni Ngema, iCommitted Artists nakuMasipala waKwaNongoma. Wenza izifundo zeHospitality Management and Catering eDCC Campus eThekwini.
Ubuye wenza iPublic Administration neBusiness Management eMancosa. Ukufundele nokusika ingqephu.
Uvele wahleka kuthiwa akachaze ngeyokuxoshwa kwakhe emsebenzini.
“Ngangizenzela umathanda, ngaxoshelwa ukulova ngaphandle kwesizathu.”