ISITSHUDENI saseNyuvesi yaKwaZulu-Natal ebesimele elakuleli engqungqutheleni yabantu abasha abenza umehluko emazweni abo nasemhlabeni jikelele, sithi sibizelwe ekushintsheni impilo yabantu abasha.
UMnuz Kwazini Zulu (23) waseSeaview kodwa ozalwa eMelmoth, ubehambele le ngqungquthela ebihanjelwe abantu abangu-1 800 abaqhamuka emazweni angu-196 eHague, eNetherlands. Useyinxusa le-One Young Ambassador, okusuke kukhona abantu abasha abayisibonelo emhlabeni jikelele.
UZulu uthe uhlangane nabantu abasha basemazweni ahlukene abenza umehluko emazweni abo.
“Kade ngaqala ukusebenzela umphakathi nentsha yingakho ngikhethiwe ukuthi ngibe ngomunye wabantu abazomela intsha yakuleli eNetherlands. Kumanje ngimatasa ngisiza intsha nosomabhizinisi ngokubaluleka ngezamabhizinisi, ukuwaqala nezinto okumele bazisho ukuze bathole uxhaso,” kusho uZulu.
Uthe kule ngqungquthela ebingenyanga edlule bekukhona ababengomengameli bamazwe, abaculi abahlonishwayo nabanye abaholi abenza izinto ezinhle emphakathini yabo.
Uthe le ngqungquthela iba minyaka yonke, ijikeleza amazwe ahlukene.
“Kule ngqungquthela sicobelelana ngolwazi sibheke nezinselelo ezibhekene namazwe. Kuphuma izinto ezingenziwa ukuze kubhekwane nalezo zinselelo.”
UZulu uthe uke wasebenzela inhlangano iYouth of Vanour lapho babecebisa khona ngokuphathwa kwezimali, ukuthuthukiswa kwentsha, ukusiza abafundi ezikoleni benza nezinye izinhlelo.
Uthe ngesikhathi efika enyuvesi ujoyine inhlanganao esiza intsha i-Enactus lapho bebegxile khona ekusizeni intsha ngezamabhizinisi. Ubengumengameli wale nhlangano ngo-2017.
“Zikhona nezinye izinhlangano engizisebenzele okubalwa i-AIESEC lapho kwakushintshwana ngentsha yakwamanye amazwe ize kuleli noma eyakuleli iye kwamanye amazwe iyothekela ulwazi. Ngijabule kakhulu ukuthi ngikhethiwe ngaba ngomunye wamanxusa asemancane asiza intsha.”
Abanye abantu ababeyingxenye ye-One Young Ambassador kubalwa owayenguNobhala Jikelele we-UN ongasekho uMnuz Kofi Annan, owayenguMengameli wase-Ireland uNkk Mary Robinson, isikhulu esiphezulu se-Unilever uMnuz Paul Polman, umsunguli weVirgin Active uSir Richard Branson, uMbhishobhi Desmond Tutu nowayengumvikeli womphakathi u-Advocate Thuli Madonsela.
Engqungqutheleni yalo nyaka bekukhona abaculi okubalwa u-Akon, umlingisi uTerry Crews noNaomi Campbell.
UZulu kumanje wenza iziqu zePostgraduate kwiMarketing & Supply Chain e-UKZN.