UMFUNDISI osagqunywe esitokisini sasejele laseWestville ngoxhaxha lwamacala ocansi, uMphostoli Mxolisi Striker Shange, useqashe abameli abasha ngemuva kokuba abadala bahluleke bancama ukumtholela ibheyili.
UShange uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma esemelwe ngabameli bakwaMncwango SP & Associates.
Ngonyaka odlule ubemelwe yinkampani iShoba Sandile Attorneys.UShange uvele phambi kweMantshi, uBusisiwe Mkhulisi noMshushisi, uJenisha Sewberan, eswenke ngesudi e-navy nehembe elimhlophe elinokusasikotshana. Icala lakhe lihlehliselwe uMashi 13 ngenxa yokuthi inkantolo isafuna ukuqoqa ubufakazi obanele ukuze liqale ukuqulwa leli cala.
Abazalwane bebandla likaShange eliseRichmond Farm, iTowers of Faith Ministries International, ebebetheleke enkantolo ngobuningi babo, baphume enkantolo sebephoxekile. Bake bama izixongololo, bekhombisa ukuthi abaneme ngesinqumo senkantolo ngoba bona bese bezitshele ukuthi bazobuyela emakhaya nomfundisi wabo. Ekhuluma neSolezwe omunye wabefundisi baleli bandla, uSamuel Thwala, uthe ubachazelile abazalwane ukuthi abehlise umoya kodwa balindele umphumela ngebheyili eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Amalungu ebandla iTower of Faith International Ministry abemi izixongololo ngaphandle kweNkantolo yaseNtuzuma emuva kokuhlehliswa kwecala lomfundisi wabo uMxolisi Striker Shange obekwe amacala okudlwengula amantombazanyana angamalungu ebandla eliseRichmond Farm, eLindelani
“Bebekhala ngokuthi side lesikhathi umfundisi azosihlala esitokisini. Indaba yebheyili sisayilwa ngabameli abasha njengoba yanqatshwa kwabadala. Imantshi icele ukunikezwa izinyanga ezimbili ukuze iphothule uphenyo,” kusho uThwala oficwe yileli phephandaba enomhlangano oyinguyazana nomkamfundisi nabanye abadala ebandleni.
UShange, odlele uKhisimusi noNcibijane esitokisini, ubhekene namacala amane, okungamabili okudlwengula, elilodwa lokuthumba nelokuhlukumeza ngokocansi amantombazane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-18. Amacala kuthiwa uShange wawenza eLeisure Palace eNewlands West kusukela ngo-2014 kuya ku-12 Novemba 2018. Imantshi yamnqabela uShange ibheyili ngoba ithi wahluleka ukunikeza inkantolo izizathu ezinqala zokuthi kungani kufanele anikezwe ibheyili futhi waqamba amanga.
UShange wahluleka ngisho esethandaze isikhathi eside kodwa wagcina engamphendulanga uMshushisi obesingethe icala nyakenye uSbongile Ngcobo, naye owaphuma esegadiwe ngoba kunabazalwane abase bemsongela.