UNKOSIKAZI kaSenzo Meyiwa ubhoboke ngothando umyeni wakhe ayenalo ngoKelly Khumalo nokuthi wayevele ezifela ngesinene uSenzo kusuka kudala.
Lokhu kudalulwe encwadini ebhalwe nguSoweto Mandlanzi, ongumbhali wezincwadi.
Encwadini ebizwa ngeDecoding 666_9: The Inexplicable Life Of Senzo Meyiwa, kucashunwa uMandisa Mkhize ethi: “USenzo wayezifela ngabantu besimame futhi ngangijwayele ukumbamba nezintombi.
UKelly kangimsoli ngalutho. Ngiyazi ukuthi indoda ngeke uyenze lutho uma isizimisele ngokuhamba. UKelly sengimthatha njengodadewethu, ikakhulukazi njengoba singonina bezingane zandawonye."
Incwadi isiqalile ukudayiswa. Imali ezokwenziwa izonikelwa emndenini wakwaMeyiwa.
Engxoxweni yakhe neSolezwe ngeSonto, uSoweto uveze ukuthi uthwale kanzima ngesikhathi ebhala incwadi njengoba eke wathola izinsongo ezimsabisayo uma eqhubeka nokuyibhala.
“Bengibhala ngibuye ngime ngoba nami bengisaba okwenzakaliswa. Kodwa ngabuye ngaqina isibindi, ngangavumela ukusatshiswa ngibe ngisiza,” kusho uSoweto.
USOWETO Mandlanzi ongumbhali wencwadi ekhuluma ngempilo kaSenzo Meyiwa Isithombe: SITHUNYELWE
Uthe into eyamgqugquzela ukubhala yingoba wabona sengathi akasekho umuntu ozimisele ukusiza kulolu daba lukaSenzo, ekubeni ekade eyisilomo esingaconsi phansi kwabaningi.
Le nsizwa isibhale uxhaxha lwezincwadi kusukela ngo-2012 ngesikhathi ikhipha incwadi yayo yokuqala eyayithi “Just Teething for a New Thing”, Dear Jacob, Cashflow Naked, Running My Race: Minding My Own Business nezinye.
Incwadi kaMeyiwa ibiza uR269 zingakabalwa izindleko zokuposa.
Kuningi okuvela kule ncwadi njengoba uSoweto ethi akekho angakhulumanga naye ngaphandle kukaKelly Khumalo.
USENZO Meyiwa washona ethandana nomculi we-Afro Soul uKelly Khumalo
“Ngazama ukuxhumana naye kodwa kwagcina kungenzekanga, kwaphetha ngokuthi ngimcaphune kulokhu ayekusho ezingxoxweni ayeba nazo emisakazweni nakwithelevishini,” kubeka uSoweto.
Uqhube wathi okumjabulisayo wukuthi uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa, ongasekho wayemnikile isibusiso sale ncwadi.
Kuleli sonto uSoweto uhlele umcimbi wokwethula ngokusemthethweni incwadi kunina kaSenzo Meyiwa.