KUTHIWA kuba mnyama kakhulu uma sekuzosa, la mazwi ayiqiniso kuMnuz Nkosinathi Tongo oqale ibhizinisi emuva kokuhlala emgwaqweni izinyanga eziyisithupha.
UTongo (26) odabuka kwaBhaca e-Eastern Cape wafika eThekwini ngo-2016 ezobheka amatoho ehlala nomzala wakhe.
Uthi impilo yakhe yashintsha kabuhlungu ngesikhathi umzala esemxosha emzini wakhe, wagcina esehlala emgwaqweni izinyanga eziyisithupha.
“Emuva kokuxoshwa wumzala ngahlala emgwaqweni ngidayisa uswidi. Ngesikhathi ngidayisa ngahlangana nowesifazane owangitshela nge-The Appliance Bank. Ngangena ezinhlelweni ze-The Appliance Bank ngo-2019 ngafunda ukulungisa impahla kagesi,” kusho uTongo.
I-The Appliance Bank yisikhungo esiqeqesha amadoda angasebenzi ukuze alungise impahla kagesi. Isebenzisana nezitolo zakwaShoprite nezakwaCheckers eGauteng, Western Cape naKwaZulu-Natal, ezinikela ngempahla kagesi engasebenzi ukuze ikhandwe abafundayo.
“Ngifike ngafunda ukulungisa impahla kagesi ngase ngizivulela isitolo sami esilungisa impahla kagesi. Ngikwazile ukuqasha umuntu oyedwa ongisizayo. Isitolo sibizwa ngeFamily Shop, sisemgwaqweni uMgeni, eThekwini,” kusho uTongo.
Ugqugquzele abantu abasha ukuthi bangalilahli ithemba ngoba noma kunzima kanjani ekugcineni kuyakhanya.
“Abukho ubunzima obungadluli noma ungazitshela ukuthi usebumnyameni ekugcineni kuyasa. Ngesikhathi amabhizinisi amancane edonsa kanzima ngesikhathi kuvalwe izwe mina bengisebenza. Ngikwazile ukwenza imali eyanele ngathenga isiza ngakha umuzi ekhaya KwaBhaca. Ngiyakwazi nokulekelela udadewethu ngokumkhokhela imali yokufunda esikhungweni semfundo ephakeme. Bengingeke ngikwazi ukuzenza lezi zinto ukuba angingenanga ohlelweni lwakwaShoprite neThe Appliance Bank,” kusho uTongo.
UNkk Tracey Gilmore obhekele ukusebenza kweThe Appliance Bank, uthe inhloso yabo wukufukula abantu abebencishwe amathuba ukuze kube namadoda azoba yisibonelo esihle ezinganeni.
Uthe amadoda amaningi abawaqeqeshayo agcina esezivulele amabhizinisi njengoTongo.
UMnuz Lunga Schoeman obhekele izinhlelo zokusiza umphakathi kwaShoprite, uthe bafuna ukwenza umehluko emphakathini yingakho beyingxenye yalolu hlelo.
Uveze ukuthi sebenikele ngempahla kagesi ebiza uR3.92 million kwiThe Appliance Bank kanti ebiza ngaphezu kukaR61 000 inikelelwe abantu baKwaZulu-Natal emasontweni ambalwa edlule.