INHLANGANO yebhola iSouth African Football Association (Safa) ibafanisa namaxoki namaqaba abangabaza ubulili bomgijimi wakuleli uCaster Semenya, namuhla okuzongena icala kwiCourt of Arbitration for Sports (CAS) lapho elwa nesinqumo senhlangano yezokugijima emhlabeni i-International Association of Athletics Federations (IAAF).
USemenya uphikisa umthetho we-IAAF athi “uyacwasa” othi abagijimi besifazane abayibamba kwi-400m, 800m no-1500m, imizimba yabo ekhiqiza i-testosterone engaphezulu kwesijwayelekile kwabesifazane, kumele badle imishanguzo yokuyithithibalisa uma befuna ukuqhudelana kula mabanga.
Amabanga abaliwe agijinywa uSemenya oyingqwele yomhlaba neyama-olympic ku-800m.
Icala lizongena namuhla eLausanne, eSwitzerland. Kulindeleke ukuthi lithathe izinsuku ezinhlanu, lapho uSemenya ezobeka amaphuzu akhe aphikisayo kanjalo nenhlangano i-Athletics South Africa (ASA).
Ngempelasonto uNgqongqoshe wezeMidlalo uTokozile Xasa uthe uhulumeni uzosebenzisa imali elinganiselwa kuR25 million ukweseka uSemenya ngabameli nethimba longoti bezobulili ekulweni ne-IAAF.
ISafa ikhiphe isitatimende yeseka uSemenya. Ithe ukwahlulelwa abhekene nakho uSemenya kufana nokutholwa ngabanye abadlali bebhola labesifazane.
“ISafa ifuna ukujoyina bonke abeseka uCaster Semenya emhlabeni jikelele njengoba izophikisa imigomo ye-IAAF efuna ukubandlulula abagijimi abanethalente eliyimvelo lokuzalwa ngoba nakhu nje bene-testosterone ephezulu kunejwayelekile. ISafa ibazi kahle ubuhlungu obubhekana nabadlali abehlukene bebhola ababandlululwayo, badelelwe baze bahlukunyezwe ngokoncansi ngenxa yamaxoki amaqaba. Egameni labesifazane kunobhutshuzwayo abayizisulu zalesi sihlava esinyanyisayo sokudlwengulwa nokubulawa, sizwakalisa ukweseka kwethu uCaster ngethemba lokuthi iCourt of Arbitration izothatha isinqumo esifanele,” kusho isitatimende seSafa.
I-IAAF ayiqali ukubhekana necala elinje. Umgijimi wase-India, uDutee Chand, wayifaka kwiCAS naye kukade kuthiwa akangagijimi ngenxa yokuba nomzimba ofana nokaSemenya. Sekuwumlando ukuthi uChand ogijima ku-100m naku-200m waphuma phambili.