Nokubongwa Phenyane
UHLULEKA nokuchaza ngokumvelele umsakazi woKhozi FM, uNonhlanhla “Mdonso” Ngcobo, ngoLwesihlanu okudlule emhlabeni ngokuzuma umfowabo uDkt Bhekisisa Ngcobo ngoMgqibela, kwalandela nokushona komyeni wakhe uMnuz Nathan Pottier, engozini yemoto.
UBhekisisa ubengusomabhizinisi aphinde abe umnikazi wesiteshi somphakathi iZululand FM, kanti uNathan ubephinde azwakale kulesi siteshi njengomsakazi ezinhlelweni zezenkolo.
Lezi zigameko zishiye abantu bekhungathekile futhi bezwelana nalo msakazi owenza uhlelo oluthi Kwasa Okungaliyo.
Ekhuluma neSolezwe ngoLwesihlanu, ngokwedlula emhlabeni komfowabo uMdonso uveze ukuthi basamangele bewumndeni njengoba konke kwenzeke ngokushesha.
“Ufike ekhaya kumama ekuseni ngo-4, ezobika ukuthi akazizwa kahle, ngempela ufike wahlala kusofa wase ethi akavulelwe isicabha kungene umoya. Sivuliwe isicabha, kwase kufika omunye umfowethu wathi akahanjiswe esibhedlela kodwa wanqaba wathi kunoCovid-19 futhi akasabonwa ogulayo ngakho akathandi ukuya khona. Umfowethu ube esemphoqa njengoba besibona ukuthi akaphathekile. Uthe nje besesemotweni wakhihliza amagwebu futhi wadedela nomzimba, ube esedilizwa wathathwa wafakwa endlini nokula kube sekukhulekwa khona waphaphama, wathathwa wayiswa esibhedlela,“ kuchaza uMdonso.
Uveze ukuthi bewumndeni babe sebethola ucingo emini lubazisa ngokudlula kukamfowabo emhlabeni.
“Angilahlekelwe umfowethu nje kuphela kodwa bekungumngani wami, yazi ngiphandle mina ngilahlekelwe kakhulu,“ kuphetha uMdonso.
Esethintwa ngokushona komyeni wakhe ashade naye ngo-2019, uMdonso uveze ukuthi usangene ikhanda akazi kwenzakalani ucela kuthintwe uMu Ngcolosi okhulumela umndeni.
UMu uveze ukuthi umndeni wala kushadele khona uMdonso, ucele ukuthi abezindaba bathinte wona ngqo ngalolu daba.
Kodwa ezinkundleni zokuxhumana nemithombo Isolezwe elithole ngayo, umyeni kaMdonso ushone engozini yemoto ephuthunyiswa esibhedlela.
Kuvela ukuthi uNathan obeyiphoyisa embuthweni wakwaSAPS, eShowe ubexinwe yiCovid-19, wabe esephuthunyiswa esibhedlela.
Kuvela ukuthi imoto yabezimo abeziphuthumayo akade ehamba ngayo ishayisane nenye, kodwa kugcine kungacacanga ukuthi bangaki abadlule emhlabeni.
UMu uthe uNgcobo uzofihlwa ngoLwesine, eNkandla esigodini saKwaNxamalala.
Abasakazi beziteshi ezincane nezinkulu, Isolezwe lithole ukuthi bebephuma bengena KwaNgcobo bezobhonga emswaneni.
Kubona kubalwa uZimdollar, Lucky Dlamini, Khehlelezi, Sandile Ngema nabanye.