UMKHULUMELI kaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uNkk Khusela Diko, usemakhandleleni.
Lokhu kuza emva kokushona kukamyeni wakhe, iNkosi yamaBhaca uThandisizwe Diko wesibili, obethinteka kwinkohlakalo yezigidi zamaRandi yokuthengwa kwezinsiza zokulwa nokubhebhetheka kobhubhane iCorona eGauteng.
UDiko (43), ushone izolo ebusuku esibhedlela esise-East London, e-Eastern Cape, kulandela ukugula.
Izindaba zokushona kukaDiko ziqinisekiswe yiNdlu yobuKhosi bamaBhaca.
“NjengeNdlu yobuKhosi, sisazama ukwamukela lokhu kulahlekelwa okubuhlungu futhi okushaqisayo. Sizizwa sithobekile ngemiyalezo yenduduzo esiyitholayo,” kusho uMnuz Lumko Mtinde, esitatimendeni.
UMtinde uthe izinhlelo zomngcwabo zizomenyezelwa uma seziphothuliwe.
UDiko ushone ephenywa yiSpecial investigative Unit (SIU), mayelana nezinsolo zokuthi wahlomula ekwehlisweni ngemilenze kwemali kwithenda kaR139, yokuthengwa kwezinsiza zokuvikela ukwanda kobhubhane iCorona eGauteng.
Lezi zinsolo zaholelwa ekumisweni emsebenzini kukankosikazi wakhe, uNkk Diko, osamisiwe namanje njengoba iHhovisi likaMengameli seliqale uhlelo lokumqondisa ubugwegwe.
Lezi zinsolo zaphinde futhi zalahlekisela ngomsebenzi umngani walo mndeni wakwaDiko, uDkt Bandile Masuku, owayengungqongqoshe eMnyangweni wezeMpilo kulesiya sifundazwe ngesikhathi kukhiswa la mathenda.
UMasuku wakhonjwa indlela ngundunankulu wakulesiya sifundazwe, uMnuz David Makhura, kulandela umsindo owasuka emva kokubhubhudlwa kwemali kula mathenda.