UGQUGQUZELA abantu ukuthi bazame ukuzinakekela besasemakhaya uthisha waseMlazi, osanda kushonelwa umkakhe obeneCovid-19, yize ebenganazo izimpawu.
UMnuz Malusi Ngcobo unxuse abantu ukuthi bayilandele imithetho kahulumeni efana nokugeza izandla nge sanitiser, ukuqhelelana, ukufaka imask kanjalo nokuhlala emakhaya ukuze bavikele lolu bhubhane. Ukhala ngokuthi kuba nzima kakhulu emndenini uma usungenwe yilesi sifo, sekumele uyolashelwa esibhedlela.
UNkk Nomasonto Hazel Ngcobo, obefundisa eNgqayizivele Primary ekuleli lokishi ka-D, ushone emuva kwezinsuku ezimbalwa engeniswe esibhedlela.
“Ayikho into ebuhlungu njengokungakwazi ukuyoba seduze nesihlobo sakho esigulayo esibhedlela. Kuningi enginemibuzo ngakho, nokuse ngokunye uma ngikubona sekwenzeka kumina eduze,” kusho uNgcobo.
Elandisa Isolezwe uthe, kusukela ekuqaleni kuze kube uyafihlwa unkosikazi wakhe, ubengumuntu ovame ukuzivocavoca yize ebehlala ngokuhlushwa yi-bhronchitis.
“Kusho ukuthi nalokhu kube nomthelela ekutheni leli gciwane lisheshe limhlasele. Ngosuku lwangoJuni 29, wabuya emsebenzini ekhwehlela kodwa okungatheni. Wazibukela umabonakude kanti uzophelelwa ngamandla esithubeni ahanjelwe nayisisu. Sabiza i-ambulensi eyamyisa esibhedlela saseDurdoc ngezithuba zo-1 ekuseni,” kuchaza uNgcobo.
Uthe ngakusasa watshelwa ukuthi unkosikazi wakhe uzodluliselwa eCity Hospital, ngoba wayesetshengisa ukwelulama.
Uqhube wathi okubuhlungu ukuthi umkakhe wamgcina mhlazane elandwa yi-ambulensi njengoba imibandela emisha yasezibhedlela ingazivumeli izivakashi.
“Besixhumana ngemiyalezo uma engabambekile kakhulu noma ngisizwe yindodana yami engudokotela ebikwazi ukuthola ulwazi ngesimo sakhe. Kwaze kwaba ukuthi uyashona ngingambonanga. Miningi imibuzo engisazibuza yona engaphendulekile,” kubeka uNgcobo.
Uthe kulapho kumcacele khona ukuthi leli gciwane liyingozi kangakanani uma likwazi ukucasha kumuntu ngaphandle kwezimpawu njengoba lenzile kumkakhe.
Okunye akhala ngakho uNgcobo ukuqandiswa ngendlela exakile kwamagumbi asezibhedlela okulaliswe kuwona abahaqekile, ekubeni kubikwa ukuthi leli gciwane liyazwana nokubanda.
“Njengoba ngisho ukuthi miningi imibuzo enginayo kusukela kwimiphumela yokuhlolewa igciwane egqozayo, kuya ekucwasweni okwenzakalayo emiphakathini nemibandela ebuhlungu esiyibekelwe uma sesifihla izihlobo zethu ezishone ngeCovid-19. Umkami akabange esangena ngisho kwakhe okokugcina,” usho kanje. Ugcizelele ukuthi abantu abazinakekele ngoba liyingozi leli gciwane uma selikungenile.
Uphethe ngokubonga bonke ababesekile njengomndeni.