UTHUKA izanya umndeni wevolontiya le-ANC eliphinde libe yiPhini likaSihlalo wesigungu esilawula isikole eSwayimane High, emuva kokuthi lishiselwe izimoto zalo ezintathu ngoMgqibelo.
UMnuz Thami “Mlenge” Mbhele uthe kulothiswa izimoto zakhe nje, ubesanda kugqekezelwa ngeledlule.
“Angazi ukuthi ngizothi ubani oshise izimoto zami ngoba akekho engimazi eyisitha sami. Umndeni usathukile ngesigameko esenzekile ngoba asazi ukuthi owenze lokhu sithini isinyathelo sakhe esilandelayo,” kusho uMbhele.
Uthe ngesikhathi kushiswa izimoto zakhe bekuhambe ugesi endaweni yabo eKwaSwayimane ngoba uvuswe wumsindo omkhulu wento ebiqhuma wathi uma eqalaza wabona izimoto zakhe zisha.
UMbhele uyivolontiya le-ANC, akekho ebuholini obuphezulu benhlangano KwaSwayimane futhi uyiPhini likaSihlalo wesigungu esilawula isikole KwaSwayimane.
“Ngisadidekile ngale nto eyenzekile ngoba angazi ngempela ukuthi kwenzekani. Ngesonto eledlule bengigqekezelwe abafana ababhema izidakamizwa. Ngenhlanhla sibatholile sazithola nezimpahla ebezebiwe. Angazi noma ukugqekeza kwabo kuhlobene yini nokushiswa kwezimoto zami. Ngisola ukuthi zishiswe ngamabhomu kaphethroli kodwa angazi ngoba ngivuke sezisha,” kusho uMbhele.
ULt Col Thulani Zwane wamaphoyisa
KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi kushiswe izimoto eMabheleni, KwaSwayimane.
“Kushiswe izimoto ezintathu ngabantu abangaziwa ngoMgqibelo. Kuvulwe icala lokucekela phansi impahla, akukaboshwa muntu,” kusho uLt Col
Zwane.